KUXWAYISWE abashayeli bezimoto ukuba bagweme ukuwela amabhuloho lapho kunamanzi agcwele emifuleni noma uma umfula ungenisa. Bathe kuyingozi! UMnyango wezezinhlekelele KwaZulu-Natal (KwaZulu-Natal Disaster Management Centre), ubxuse abashayeli bezimoto kanye nabahamba ngezinyawo ukuba bangalokothi bawele amabhuloho uma bebona ukuthi umfula ugcwele futhi uyangenisa ngoba lokhu kuyingozi. Okhulumela UMnuango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi, uthi lokhu esitatimendeni kungaholela ekutheni kube nemiphefumulo endlulayo emhlabeni uma bengakugwemi lokhu. Uthi njengoba izimvula ziqhubeka ngokuna ngamandla imifula igcwele futhi iyangenisa esiFundazweni. Uqhube wathi imifula igcwele iyachichima. “ Amabhuloho okumele kugwenye ukuwela kuwo i-Tshelimnyama eliseMariannhill eNtshonalanga neTheku kanye noThukela ngoba umfula wakulendawo nawo ugcwele udla izindwani, usho kanye. Ulande wathi amabhuloho ezindaweni eziningi akudluleki kuwo ngoba amanzi ahamba phezulu, manje umphakathi ungazami nakancane ukuzama ukuwela lapho ungaboni khona. Uthe makuqashelwe kakhulu kungaphindi kulahleke eminye imiphefumulo ngenxa yezikhukhula ezihlasele esifundazweni. Uphethe ngokuthi izimvula zisazoqhubeka zine mawala esifundazweni ngokuqagula kwezangoma zezulu kanti futhi kusehlobo isikhathi sazo.
ReplyForwardAdd reaction |