NGUMODITLE “Boikie” Pholo.Isithombe.SITHUNYELWE
KULINDELEKE lukhulu lapho kuzobe kubungazwa khona inkakha kwezikaqedisizungu uModitle “Boikie” Pholo kuma 2 Annual Khuma Film Festival okuzoba kuse Dr Kenneth Kaunda District Municipality , e-North West, lapho kuzobe kuvela khona abakulomkhakha e-South Africa.
“Lona kaPholo ushiye umaka kulomkhakha yingakho kumele abungazwe futhi aphinde ahlonishwe kulefesitivali,” kusho uMnuz lwazi Nongauza.
Kubikwa ukuthi le fesitivali izoqala ngoLwesithathu kuMeyi 28 kuya kuLwesihlanu mhlaka 30 Meyi 2025, okuzobe kubanjelwe eholweni i-Phillemon Masinga Sports Complex, lapho kuzobe kubonakala abezamafilimu abasafufusa kanye nasebemkantshubovu.
Isitatimende esithunyelwe uNongauza sithi:” Eyalonyaka efesitivali izobe ise North West kanti izobe ikhombisa kakhulu amakhono kwezokulingisa kanye okuyingevu nomnyakazo.”
Siqhuba sithi isitatimende, ukubungaza uPholo nokumhlonipha kuyizinkomba zegalelo lakhe ekukuthuthukisweni komkhakha wezamafilimu , imidlalo yasesiteji, kanye nokwakha uthando lwezamafilimu kubantu.
“ Ngenxa yegalelo lakhe lweminyaka engamashumi amahlanu (5 decades), uPholo ukwazile ukunxenxa abathandi bezamafilumu ukuba bahlale belalela , bewabuka, ngoba amafilimu athe abewenza eqhakambisa isiko labantu (African Culture Narratives),.
“Amafilimu akhe axoxa ngabo abantu nesikompilo labo,” kusho uNongauza esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni amafilimu akhe anxenxe abalandeli abaningi , abebebona igalelo lakhe kulomkhakha kanye nokuzinikela kwakhe uma enza lo msebenzi, lokho osekudala ukuthi abantu babe yingxenye yawo lomkhakha.
“Ngokusebenza ngokukhulu ukuzimisela nokuzinikela eminyakeni eminingi endlule ukwazile ukwenza ukuthi abantu bawuthande lo mkhakha wezamafilimu, lokho osekundlulele nakusizukulwane,” kusho uNongauza, eqhuba ethi, uPholo ubedlala indima ka Railtlhwana ngeminyaka yabo 1980 kwi Lesilo Rula, kanti futhi wabonakala kumabonakude SABC 1 kusitcom, Ga Re Dumele, Skeem Saam, Memello, Soul Buddyz kanye naku Generations kanye nakweminya kazwelonke kanye naphesheya kwezilwandle.
“Lenkakha enekhono izobe ihlonishwa ngegalelo layo kwezamafilimu kanye nakumabonakude njengoba yakwazi ukubeka isiFundazwe sase North West ebalazweni (on the map),.
Uthe esitatimendeni, lefesitivali ithembisa ukukhombisa izinkakha zase South Africa kulomkhakha abakhuluma ngobuzwe, ukubonisa, umkhakha wokucobelelana ngolwazi (workshop) kanye nezinxoxo mayelana nezamafilimu, kubathandi bawo kanye nongoti kulomkhakha.
Uthe esitatimendeni, abazobe bekhona bazobhema bakholwe ngendlela ehlelwe ngayo le fesitivali.
UMqondisi we Khuma Film Festival oke wawina izindondo aphinde abe nguprojusa uNeo Ntlatleng ukuvezile ukuthi ngaphandle kokuthembisa abasebancane nabadala ngamafilimu azobe ekhona kanye nezinhlelo zokucobelelana ngolwazi , kuzovulwa nenkulumo okuzobe kuhloswe ngayo ukubakhulisa kulomkhakha wamafilimu.
Uthe esitatimendeni , siyaziqhenya kakhulu ngokuba sithole ithuba lokuhlonipha uBaba uPholo kulomkhakha wezamafilimu.
Uqhube wathi umsebenzi wakhe omuhle ujabulelwa ngabalingisi besifazane , abesilisa base North West kanye nakuzwelonke.
“Kulindeleke ukuba ashiye ababezobe behambele lomcimbi befuna aphinde,” kusho uNtlatleng.
Uthe esitatimendeni, lolu suku olukhulu lwenkakha yezamafilimu kuzobe kuhloswe ngalo ukuvula nokuvala kwalefesitivali yesibili i-Khuma Film Festival.
“ Ngobusku okuzoqalwa ngayo le festivali ngoLwesibili ebusuku kuzoboniswa ifilimu yasekhaya ogama layo kwiyi Sew the Winter into my Skin eyadlalelwa eSouth Africa endaweni yasemakhaya i-Great-Karoo ngonyaka u-1950, ebhalwe yaphinde yaqondiswa ngu-Jahmil X.T Qubeka kanti umdlali oqavile (starring), ngu Ezra Mabengeza, Peter Kurth , Kandyse MClure kanti lefilimu ikhuluma ngo John Kepe (Ezra Mabengeza), ekhombisa ngohambo lwakhe lwemithetho engagunyaziwe.
Uthe esitatimendeni, le filimu kuhloswe ngayo ukukhuthaza intsha ukuba nayo ixoxe ngezindaba zayo , kanti futhi le filimu kuphinde kuhloswe ngayo ukuthi kubonakale ifawundeshi esiyakhiwe kulomkhakha.
Ongumsunguli weKhuma Film Festival uNksz Naomi Mokhele uthe esitatimendeni, lokhu kuhloswe ngakho ukuvezeka kwamaphupho abantu.
Uthe esitatimendeni, ifesitavali izovalwa ngokuvezwa kwenqalabutho kulomkhakha ongasekho uMenzi Ngubane kwidokhumentali (Documentary), ethi the Life and Times of Menzi Ngubane.
“Inqalabutho futhi owabe engumlingisi ongaconsi phansi uMenzi Ngubane waqala ukubonakala kwezamafilimu ngonyaka u-1987 kuya ku-2020 ngaphambi kokuba andlule emhlabeni ngoMashi 2021.
Uphethe ngokuthi lefesitivali izobe izokhombisa ngamanoni esinawo kubalingisi bakulelizwe uma besesitegi, njengoba le fesitivali izobe ibophele intsha kanye nasebemkantshubovu kulomkhakha wezamafilimu.