UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natala usumemezele ukuthi kuzoba nokhetho lwezigungu zabezemfundo (School Governing Bodies)! Kuvelile ukuthi lolu khetho lwama SGB luzoqala mhlaka 1 March kuya ku 31 march 2024. Okulumela uMnyango KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, uthe lezigungu esezibalulwe ngenhla zobe zivotelwa kulenyanga esibalulwe ngenhla. Uthe lezigungu kumele zibe nabazali, babafundi ababhalise futhi abafunda ezikoleni,othisha, kanye nabangasiwo amathishela, abafundi bakwaGrade 8 noma abafunda amabanga angaphezu kwalawa, abamele izinhlangano zabazali, abaxhasi,abezinhlangano zabakhubazekile, abaphila nokukhubazeka kanye noncweti (experts), kanye nothishanhloko. Uqhube wathi okulindeleke kulezinhlaka ukuba ziqinisekise ukuthi zithatha izinqumo (decision making), ukuhlela phecelezi planning, ukubhekelela ezezinxabano (conflict management), ukwkha ubumbano (team building), ukubonisana (negotiations) kanye nokubhekelela ezezimali zesikole ukuthi zisetshenziswa ngendlela yini (School Finances). Uqhube wathi ukhetho lesigung esibhekelele abafundi (Representative Council of Learners) sona sizokhethwa kusukela mhlaka 17-31 January.