USEKELA Ngqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu kuzwelonke uPam Tshwete uzonikezela ngamatayitela kwizakhamuzi ezingu-299, kuMasipala Umuziwabantu ongaphansi koMkhandlu Ugu lunikezele izolo (20 February 2024), kulaba okufanele bangene ezindlini zabo ezintsha ezakhiwe ilomnyango osubalulwe ngenhla, kubantu abahlonzwe ngokuba nesidingo sokuba bazithole. Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Hlengiwe Nhlabathi-Mokota, uthe lamatayitela angu-299 azinikelzelwa kwizakhamuzi ezihlala kwaMazakhele , kubantu abahlala kulendawo futhi obekubonakala ukuthi bayaphazamisa amabizinisi enkabeni yedolobha (bordering Central Businesses), edolobheni laseHarding. Uqhube wathi ukinikezelwa kwamatayitela kuhloswe ngakho ukubuyisa isithunzi somuntu ukuze bonke babe namakhaya athi bona kuphinde bakuqinisekise ukuthi abantu bayangena kuma government subsidized homes noma Breaking New grounds, ukuze kutholakale amatayitela abo kumasipala. Uthe ungqongqoshe osebalulwe ngenhla uzobe ehambisana noNgqongqoshe weHuman Settlements and Public Works uMnu Sipho “KK” Nkosi, uMeya wesiFunda Ugu uKhansela Sikhumbuzo “Zero” Mqadi kanye noMeya kaMasipala Umuziwabantu uKhansela Siboniso Zungu. “ Abanye abazobe behambele lomcimbi wokunikezelwa ngamatayitela kubalwa kubo Amakhosi kanye neziNduna ezakhele lomasipala Umuziwabantu kanye noMkhandlu wesiFunda Ugu.,” esho. Uqhube wathi ngaphambi kokuba kuyonikezelwa ngamatayitela ungqongqoshe nazobe ehamba nabo uzohambela i-Operation Siyahlola okuyiProjekti, okuzobe kuhloswe ngakho ukuyobona ukuthi izakhiwo ezimbili ezithuthukiswayo ziqhubeka kahle yini (two human settlements developments), okuyiklasta yokuqala (cluster one), ebizwa ngokuthi Cluster Six Housing Projects , lapho bezobe benikezela khona ngezindlu ezintsha ezakhiwe emundenini ohlala ezindlini zodaka. Uphethe ngokuthi lokhu kuyizinkomba zokuthi uhulumeni ufuna ukuqeda ngezindlu zodaka ezingaphephile aphinde aqinisekise ukuthi abantu bahlala ezindlini ezifudumele.
Lokhu kwenzeke ezindaweni ezahlukene kanti uhlelo belumi kanje:
- Technical Briefing (Closed Session)
Isikhathi:10.00 ekuseni
Indawo: Phumza Hall, hardin, Umuziwabantu Local Municipality, Ugu District
- Cluster Six Rural Housing Project handover
Isikhathi: 11.00 ekuseni
Indawo: Cluster Six rural Housing Project, Umuziwabantu Local Municipality, Ugu District
- Cluster One Rural Housing Project Operation Siyahlola
Isikhathi: 11.30
Indawo: Cluster One Rural Housing Project , Umuziwabantu Local Municipality, Ugu District
- Title Deeds Hand Over Community Engagement
Isikhathi: 12.00
Indawo: Sutton Open space near Sutton Primary School, ward 11, Umuziwabantu Local Municipality, Ugu District
Okubalulekile kuzoba nethuba lokuthi abezindaba baxoxe nongqongqoshe.
For media enquiries and confirmation , contact Hlengiwe Nhlabathi-Mokota, Human Settlements Ministry Spokesperson on 064 7548426
Mlungisi Khumalo-Spokesperson MEC for Human Settlements and public Works on 071 412 4831
Bruce Jabulani-Spokesperson for Umuziwabantu Local Municipality on 076 5595365