Ividiyo ekhombisa iphoyisa elisola umphathi ngokumshaya
NGASHAYELWA , ukuthi ngicela ukuhambisa umntwana kadokotola (family responsibility)! Lokhu kuvezwe umgilwa othi washaywa phambi kowenyunyana. “ Isono sami kwaba ukuthi ngicela ukuhambisa umntwana esibhedlela , kwabe sengimthele ngezibonkolo umphathi , owangikhipha ngoshova ehhovisini, lakhe, “kusho umgilwa. Lezinsolo zivelile kanti nedidiyo isabalale ezinkundeni zokuxhumana, osolwa ngokushaywa eveza. “ Umgilwa uthi isono sami kwaba ukuthi ngicele nje, ukuba nginikwe ilivi yokuba nomdeni, kwabe senginyathele emsileni, ngahlohlolozwa ngasatshiwa, ekugcineni kwaphetha ngokuthi ngithelwe isibhaxu. “ Ngisethukile namanje futhi ngiyesaba ngoba , ukucela ukuba nomndeni, ungaphoxanga muntu kungakudalele amazinyo abushelelezi, ushaywe kangaka ngathi kukhona okonile,” esho, eqhuba ethi udinga ubulungisa, naloludaba lwakhe , ufuna kwenziwe uphenyo olunzulu ngalesigameko esimehlele. Okhulumela amaphoyisa wathunyelelwa imibuzo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga. Kanti okhulumela inyunyana SAPU ,esiFundazweni naye uthintiwe ngaloludaba kodwa akazange aphendule.