BAGWETSHWE udilikajele umuntu ngamunye yiNkantolo yesiFunda yaseThekwini abalisa ababili ngemuva kokuba inkantolo ibalahle ngecala lokubulala usomatekisi.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uMnuz Mfanafuthi Madlala (41) noMnuz Sifiso Sokhulu (45), batholwe yinkantolo benecala lokudubula babulale uMnuz Siyabonga Ngcobo owayeneminyaka engu-37 ubudala esigamekweni esenzeka ngoJulayi 10 ka-2022.
“Kukholakala ukuthi uMnuz Ngcobo ngenkathi ebulawa wabe eshayela imoto yakhe eyitekisi yohlobo lwe-Toyota Quantum ehamba emgwaqeni uRamchad, Effingaham, eGreenwood Park, eThekwini, ngenkathi ethelwa ngoyaba lwezinhlamvu, imoto yabe isigingqika.
“Ngenkathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko wabe eseshonile uMnuz Ngcobo enamanxeba okudutshulwa emzimbeni,” kusho uColonel Netshiunda, esitatimendni.
Eqhuba nokulandisa esitatimendeni, uColonel Netshiunda, uthe laba basolwa babaleka emva kokuba sebedubule uNgcobo.
“Icala labe seluduliselwa emaphoyiseni ophiko oluphenya amacala abhekene ngodlame lwamatekisi,i i-Provincial Taxi Violence uthi, okuyiwona akwazi ukubopha umsolwa wokuqala ,uMadlala ngelanga lesigameko, amthola nesibhamu esingekho emthethweni, kwathi umsolwa wesibili uSokhulu waboshwa ngosuku olulandelayo,” kuqhuba uColonel Netshiunda, ophethe ngokuthi abasolwa besebevele izikhawu eziningi enkantolo njengoba icala seligcine ngokubagojela.