UMALUGAJU obedlwengula ephindelela ugwetshwe odilikajela abathathu kanye neminyaka engu-160 , yiNkantolo ePhakeme yase-Pietermaritzburg emva kokuba elahlwe nguhide hide lamacala okudlwengula. UMbutho Zondi oneminyaka engu-39, ugwetshwe odilikajele abathathu kanye neminyaka engu-160, ebhadla ejele emva kokuba elahlwe ngamacala ayisithupha okudlwengula, ukubamba inkunzi ngendluzula, ukuthumba kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Ngokusha kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana, uthi mhlaka 29 July 2022 kwavulwa icala lokudlwengula, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe esiteshini samaphoyisa ase-Ematimatolo, lapho owesifazane onemninyaka engu-23 , wabika ukuthi wakhnjwa ngesibhamu, wathathelwa umakhalekhukhwini wakhe nokunye ngaphambi kokuba adlwengulwe. Uqhube wathi emva kokuba uZondi emdlwengulile wabe esemphoqa ukuba ageze isitho zakhe sangesese, khona endaweni yase-Ematimatolo. “Lelicala elabe livuliwe labe selindluliselwa ku-Sgt Richard Gilden ukuba aliphenye ngoba usebenzela uphiko lweGreytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences unit,”kusho yena esitatimendeni. Uqhube wathi mhlaka 27 September 2022 , kwenzeka isgameko esifuze lesi esingenhla khona Ematimatolo,lapho intombazane eneminyaka engu-22 yadlwengulwa nayo yathathelwa umakhalekhukhwini neney impahla yayo. Uthe ngokusizwa umgilwa kwathi mhlaka 2 october 2022, wakhona ukukhomba lesigilamkhuba ezitolo zakulendawo esibalulwe ngenhla. “Amaphoyisa abe esesebenzisa ubuchule bawo kanye noqeqesho lwawo ekuphenyeni amacala wabe esyaboshwa kanjalo uZondi,”esho. Uthe ngenkathi eboshwa uZondi kwatholakala isibhamu esingekho emthethweni lesi ayesisebenzisa uma ebamba inkunzi abagilwa futhi abasabise naso uma ebadlwengula. “Ngenkathi eboshwa kwaphinde kwatholakala omakhalekhukhwini abazinhlobonhlobo, okuyibona abafakazela ukuthi babethathwe kubagilwa abamvulela lamacala okubabamba inkunzi ehlomile kanye nokubadlwengual, Ematimatolo. Uqhube wathi kanti nolibo fuzo lamumatanisa nawo wonke amacala ayethweswe wona uZondi, kanti wabe esemataniswa namanye amane ayevulwe esiteshini samaphoyisa aseGreytown, awokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokudlwengula. Kuphinde kwavela ukuthi uZondi wawavuma onke lamacala. Uthe icala labe selisuswa eNkantolo yesiFunda yaseGreytown layiswa eNkantolo ePhakeme yasePietermaritzburg ngenxa yobucayo bawo, abe eseyamlahla wagwetshwa odilikajele abathathu kanye neminyaka engu-160. UKhomishana wesiFunda Umzinyathi Maj-gen Francis Slambert usishayele ihlombe lesigwebo wathi sizothumela umlayezo onqala kulabo abasafisa ukugila umkhuba ofana nalona ukuthi bazosuswa emphakathini unomphela.
Uphethe ngokuthi amacala okuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane asezingeni eliphezulu kakhulu, yingakho kumele kubanjiswane kulwiswane nalesihlava.