UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , uNkk Bongiwe Sithole-Moloi , usekhiphe isexwayiso sokuthi kulindeleke izimvula ezinamandla ezinxenyeni zesiFundazwe i-KwaZulu-Natal, ikakhulukazi kulezinxenye eziseNyakatho. . Kuvelile ukuthi lezimvula eziqagulwayo zikusigaba-6, kanti futhi izimvula ezingahle zilindeleke zingaba wu-100mm. “ Lezimvula ezinamandla zizophazamisa kakhulu lulaboMasipala abalandelayo: uMhlathuze, Mtubatuba, Big Five Hlabisa, Nongoma, Jozini, uPhongolo kanye nase-Umhlabuyalingana ngoLwesithathu mhlaka 13,” kusho yena. Uthe lokhu kungabuye kudale izinhlekelele. Uqhube wathi lesigaba esiqaguliwe sikhombisa ukuthi kungaba nezimvula ezinamandla ezingadala izikhukhula ezinkulu. Uthe ngokwemibiko yezangoma zezulu (South African Weather Service), lesimo sezulu singase sidale ubungozi ezimplilweni zabantu, ukugcwala kwamabhuloho, ukuguguleka kwemigwaqo, izindlu zingacekeleka phansi kanye nenqalasizinda kuphinde kuphazamiseke nokuhamba kwezinqolo emigwaqeni. Uphinde wathi inqalasizinda efana namanzi, ugesi kanye nezokuxhumana kungaphazamiseka uma lezimvula eziqaguliwe zihlasela. “ Amathimba ethu ezimo eziphuthumayo aseme ngomumo kulabomasipala abangase bakhahlamezwe ilezimvula, kulesikhathi,” echaza. Uphinde wanxusa izakhamuzi ukuba zibe ziqala zifuna izindawo zokukhosela ikakhulukazi lezi ezihlala ezindaweni eziphansi futhi nalezo ezihlala ngasosebeni lwemifula ngoba uma isidla izindwani ingenisa zoba nenkinga yokumuka kuphinde kucekeleke impahla yazo ebalulekile. “ Izindawo zomphakathi ezifana namahholo kanye nezinye izona okumele kufudukelwe kuzo kulesikhathi , ngoba kulindeleke izimvula ezinamandla, eqhuba. Uthe amathimba ethu azobe khona ukuzosiza ukuthutha izakhamuzi lezi ezizobona ukuthi impilo yazo neyempahla ingaba sensupheni uma kuhlasela lezimvula. Uphethe ngokunxusa abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokucophelela , bagweme futhi nokuhamba kulesikhathi kusalindeleke lezimvula , baphinde bangalokothi bazame ukushayela noma bawelise izimoto uma kunezikhukhula noma lingabonakali ibhuloho ngoba kuyingozi futhi bazobe bebeka izimpilo zabo kanye nezabagibeli encupheni.