ABOMNYANGO wezeNhlekelele bandlulisa umlayezo wokuthi isibalo sabantu abandlule emhlabeni senyukele kubantu abangu-40, ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natal. Lokhu kuvela njena ngoba lomnyango osubalulwe ngenhla ububhizi utakula abantu abashone ngenxa yezikhukhula kusukela ngenyanga kaDecember 2023 kuya kwephezulu uJanuary 2024. Kodwa kuphinde kwavela ukuthi isiFunda Uthukela isona esikhahlamezeke kakhulu, ngenkathi kuhlasela izikhukhula ezihambisana neziphepho. Okhulumela umnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnu Siboniso Mngadi, uthe esitatimendeni kukhona abahlanu abasadukile abangakatholakali. Uqhube wathi abatakuli basebhizi ngokuthungatha abasadukile ngoba isimo sezulu siqhubeka ngokushuba futhi lisana ngoba kuyisikhathi sasehlobo. Uthe kumanje esiFundeni iHarry Gwala kuvelile ukuthi kukhona abantu abathathu abaminzile kanti futhi kunabasebenzi ababili abaminzile ngenkathi beleleselwa umphezulu. “ Kusazohlonzwa izidumbu zalabantu abaminza eLadysmith ukuze kuqinisekiswe ukuthi izidumbu ezitholakele ezalemindeni eyabika ukuthi ilahlekelwe ngamalunga emindeni yabo,” esho, eqhuba ethi lezimvula zishiye abantu abangu 74 belimele kanzima baphuthunyiswa esibhedlela emva kokuba belashelwe endaweni yesigameko. Uthe izindlu noma imizi engu-800 ilimele kanzinma kwathi engu 247 yabhidlika. Uqhube wathi lokhu kushiye abantu abangu 47 bengenamakhaya kwathi abangu 4000 bakhahlamezeka. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenxa uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwi enduduzo emindenini yabahanjelwe zihlobo zawo ukuthi iduduzeke, kanti ukuqinisekisile ukuthi umnyango awubambisilwe uyaxhumana nezihlobo nemindeni evelelwe ilenhlekelele. Uthe basaphinde bandlulisa ukubonga abamaphoyisa oPhiko lwe-K9 Unit, Al-Imdaad Foundation ,South African Red Cross kanye neIPSS Medical Rescue ngokuqinisekisa ukuthi imizimba yabamukile ngenkathi yesigameko esinyantisa igazi iyatholakala. Uqhube wathi imindeni elahlekelwe ngabathandiweyo babo izokuthola ukuphumula kulesikhathi ezinzima ngoba isizokwazi ukufihla amathambo emindeni yawo ngesizotha. Uqhube wathi izimvula ezinamandla zisalindekile ngoba kuyisikhathi sasehlobo.