UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka , ufisa ukukhumbuza abazali , othisha kanye nabafundi ukuthi sekusele izinsuku eziwu-75, ngaphambi kokuba kqale izivivinyo zokuphela konyaka zikamatikuletsheni phecele National Senior Certificate (NSC). Uphinde wakugcizelela ukuthi uthanda ukugqugquzela abafundi ukuba bangasanaki okunye kodwa banake izifundo, basebenze ngokukhulu ukuzikhandla baphinde basebenzise lesikhathi esisele ngokubuyekeza abakufundile , bazicijele izivivinyo zabo zokuphela konyaka. “ Ngiyaninxusa mathishela ukuthi khombisani abantwana umhlahlandlela, nibasize , nbalekelele ngakho konke okusobasiza ukbacijela izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Uphethe ngokuthi umnyango weZemfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal, unethemba lokuthi lelikilasi lika 2024, ngokuzibophezela kwalo nokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla lizokhiqiza imiphumela emihle noma lizophasa ngamalengiso.
Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle
NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...