NGUMENGAMELI we-AMCU uMnu Joseph Mathunjwa kanye noNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, usungenelele ekuvimbeni ukuvalwa kwemayini yasoLundi, i-ZAC, okuhlongozwayo ngabaphathi bayo.
Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, uMnuz Senzelwe Mzila, lokhu kwenzeke ngemuva kokuba uNgqongqoshe walo mnyango, uMfu Thulasizwe Buthelezi ehlangene nomengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU), uMnuz Joseph Mathunjwa, ngoLwesibili.
“UMnyango wobuHoli beNdabuko kumele uklame indima enkulu ekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya. Ngakho uNgqongqoshe, uMfu Buthelezi uhlangene nomengameli we-AMCU uMnuz Joseph Mathunjwa emva kokuthi uMnuz Mathunjwa ecele ukuthi kuhlanganwe, ngoba kunesimo sokuthi imayini i-ZAC ifuna ukuvala ngokukhulu ukuphuthuma,” kusho uMnuz Mzila.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uButhelezi uthe: “Le mayini iqashe abantu abaningi bakule ndawo engaphansi kwesiFunda saseZululand.
Ngiyakuncoma ukushesha kokungenelela kwenyunyana i-AMCU ukuze kuvinjwe ukuvalwa kwemayini ebeyizoqeda amathuba amaningi emisebenzi ilethe ububha ezakhamizini zasoNdini,” kusho uButhelezi.
Ube esegcizelela ukuthi izinhlaka eziningi zikahulumeni, Ingonyama Trust nezinye izinhlaka ukuba bangenelele kulwisanwe nokuvalwa kwale mayini ngoba isenawo umkhiqizo futhi kusazothatha iminyaka eminingi ukuba uphele phansi.
“Sizibophezele ekusebenzisaneni namakhosi kanye nezinye izinhlaka njengoba amakhosi yiwona abhekelele ukuphathwa kwezindawo zasemakhaya lapho imayini isebenzela khona.
Sihlose ukuthi izimpilo zalaba bantu noma izakhamizi zakulesi sifunda ziyabhekelelwa ngoba zincike kule mayini.”
UMathunjwa we-AMCU uzwakalise ukujabula ngesinyathelo esesithathiwe, wathi ukusebenza ngokubambisana nomnyango ukuze kuvikelwe ukulahlekelwa imisebenzi kube yigxathu elikhulu, ngoba lezi zakhamizi izimpilo zazo zincike kule mayini ngoba iqashe abantu abaningi bendawo.
“Le mayini yamalahle iwusizo olukhulu ezakhamizini zakule ndawo. Liseliningi ilahle ngaphansi kule mayini, ngakho asisazi ngempela isizathu ebesenza abaphathi bale mayini bafise ukuvala ukusebenza kwayo,”kusho uMathunjwa.
UButhelezi uthe basazoqhubeka nokuhlangana nezikhulu zemayini kuxoxwe mayelana nekusasa lale mayini. Waphetha ngokuthi ukubambisana phakathi kwamakhosi, ubuholi bomdabu, izakhamizi kanye nezinye izinhlaka kubaluleke kakhulu ukuze kulwisane nobubha, kuthuthukiswe nomnotho.