KUHLELWE ukuthi umbuthano wesikhumbuzo seMpi yaseSandlwana ube ngoJanuwari 22 wangonyaka ozayo, okuwusuku lapho uZulu anqoba khona amaNgisi kule mpi eyabambana ngezihluthu ngoJanuwari 22 ka-1879.
Lolu suku lukhishwe ngenkathi kunomhlangano obuhanjelwe nguMntwana wakwaMinyamanzi, uVanana Zulu, imeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, nemeya yoMasipala waseNquthu, uMnuz Lindokuhle Shabalala ngoLwesine, ngenhloso yokuzonquma usuku lwalesi sikhumbuzo esikhululu, esiheha izivakashi zaphesheya ezisuke zimele amaNgisi.
“Omasipala abangaphansi kwesifunda saseMzinyathi, okubalwa kubo iNquthu neNdumeni namhlanje bahlangane nabaNtwana baseNdlunkulu ukuzohlela ngesikhumbuzo seMpi yaseSandlwana.
“Kulo mhlangano obubanjelwe kuMasipala wesiFunda uMzinyathi abantwana baveze ukuthi isikhumbuzo saseSandlwana usuzoba ngomhlaka-22 Januwari 2025, okuwusuku lapho uZulu anqoba ngalo amaNgisi, okunguLwesithathu, hhayi impelasonto, njengokomyalelo weNgonyama.
Abantwana baseNdlunkulu bathe izoba khona imicimbi eyandulela umkhosi omkhulu njengenhlalayenza, njengoba kuzoqalwa eShiyane ngaphambi kokuba kudlulelwe eSandlwana lapho kuzophethwa khona.
Amabutho azohlala izinsuku ezinhlanu eSandlwana elungiselela umkhosi omkhulu,” kusho imeya yaseMzinyathi, uNgubane.
Uthe njengoba okaNdaba esememezele akusekho ukuhlehlela emuva zonke izinhlelo sezimi ngomumo ngosuku lwesikhumbuzo.
“Ngokwezinhlelo zomasipala bethu simi ngomumo. Sizoqala eShiyane sidlulele eSandlwana. Umlando waseShiyane ubalulekile kakhulu ukuba abantu bawazi ngoba naseShiyane kunokhokho bethu abaphelela khona, ” kuqhuba uNgubane.
UMntwana uVanana Zulu obemele iNdlunkulu, uthe: “Siyathokoza ngoba sisebenza ngokubambisana nomasipala ukuze lo mcimbi ube yimpumelelo futhi uzokwenzeka ngqo ngosuku okwanqoba ngalo uZulu enqoba amaNgisi.”
Uthe umbuthano uzoqala eShiyane uphelele eSandlwana, awuzukuthatha usuku olulodwa njengaphambilini lapho, kodwa uzothatha izinsuku ezimbili.
Uphethe ngokuthi abantu bazodamane baziswa ngokuqhubeka kwesikhathi ngezinhlelo ezikhona okukhona kuzo nezokuthutha ezindaweni zamakhosi esifunda saseMzinyathi.