ZISHIWE kunje izimvula ezinamandla , izikhukhula kanye nemimoya oThongathi
SESIKHUPHUKELE kubantu abawu-11, abashonile emva kokuba kuhlasele izimvula ezinamandla esiFundazweni saKwaZulu-Natal. Lezi mvula ezihambisana nezikhukhula nemimoya zaqagulwa ngeSonto mhlaka 2 June 2024, izangoma zezulu ukuthi zizokhahlameza ikakhulukazi izindawo eziso-Gwini. Kuvelile ukuthi uhulumeni wemnyango eyahlukene KwaZulu-Natal uhambela lezindawo ezikhahlanyezwe ilezimvula ezinamandla nezikhukhula kanye nemimoya enamandla. Kuphinde kwavela ukuthi izindawo ezikhahlamezekile zibala oMasipala abawu-5 kanye neMetro. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNonala Ndlovu uthe omasippala abakhahlazamekile i-eThekwini <etro, Ilembe, King Cetshwayo, Umzinyathi , Amajuba kanye noMkhanyakude. Uthe imibiko yesikhashana iveza ukuthi sekundlule emhlabeni abantu abawu-11,abawu-7 oThongathi, bese kuthi abane kube ngabaseNquthu, Eshowe kanye naKwaHlabisa. “ Bawu-55 abalimele kancane kanye nakhudlwana kanti balashelwa lokulimala ezibhedlela,” esho. Uqhube izakhamuzi noma abantu abawu-120, bathuthiwe ezindaweni abebehlala kuzo bayiswa kwezesikhashana ukuze bathole ukunakelelwa khona kuzo. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNksz Nomusa Dube-Ncube uhambele kwiMetro iTheku, ehambisana nethimba likahulumeni ukuyozibonela ngokwakhe umonakalo odalekile kuhlasela izimvula ezinamandla. Ube esendlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abandlulelwe zihlobo zabo emhlabeni kuhlasela lezimvula, wabe esefisela laba abasesibhedlela ukuba balulame ngokushesha. Uqhube wathi inhloso yokuvakashela lendawo yesigameko ukuqinisekisa ukuthi laba abasagcinwe ezindaweni eziphephile okwesikhashana bakhonjiswa ubuntu futhi banakelelwa ngendlela , futhi kuqinisekiswe ukuthi nezindlu abebehlala kuzo ziyalungiswa ukuze kubuyiswe isithunzi sabo. “ Ngokuphuthumisa ukwakhiwa kwezindawo noma ukulungiswa kwezindawo abebehlala kuzo kuyinto eseqhulwini kithi,” esho. Uthe sibambisene neminye iminyango kahulumeni ukuba siqinisekise ukuthi silungisa noma sakha kabusha lezakhiwe ezicekeleke phansi ilezikhukhula. Uqhube wathi ucwaningo olwenziwayo kumanje lokuhlola umonakalo odalekile Ilona oluzobanika umhlahlandlela wokuthi imali engakanani ezodingeka ekulekeleleni abavelelwe ilenhlekelele. Uthe loluhlelo lokuhlola umonakala luzophinde lusize kakhulu ekubhekeleleni ukuthi ungakanani umonakalo odalekile kwinqalasizinda. “ Nginxusa ukuthi bonke omasipala baqikelele ukuthi bahlonza bonke abantu abayizisulu zalezimvula ezinamandla ebezihambisana, nomoya, ukuduma kwezulu kanye nezikhukhula,” ephetha. Kuphinde kwavela ukuthi ababhekelele ezezinhlekelele (Disaster Management), benza ucwaningo ngomonakalo odalekile.
Uthe sikhuluma nje nezinhlangano ezingenzi inzuzo (Non-Government Organisations) phecelezi NGO’s,i-Red Cross, Al-Imdaad Foundation, Gift of the Givers kanye IPSS Medical Rescue, basebenza ngokubambisana ekuqinisekiseni ukuthi ukudla , omatilasi, izingubo zokugqoka nezokulala, izijumbana zokudla ziyafinyelela kubo ukuze baboniswe ukuthi nabo bangabantu. Kuphinde kwavela ukuthi indawo yasoThongathi ihlonzwe njengendawo yenhlekelele, ngenxa yokuthi kucekeleke phansi izindlu eziningi khona kanti ezinye izindawo ezikhahlazamekile kubalwa kuzo Umgababa, eThekwini Metro, Eshowe, Utecht, Osizweni kanye naKwaHlabisa. “ Bonke abantu abakhahlazamekile bahlaliswe ezindaweni ezingolindela, emaholo omphakathi kanti imigwaqo, izindlu, amaholo kanye nemitholampilo nako kucekeleke phansi. Kuphinde kwavela ukuthi kucekeleke pansi amatransifoma, olayini bakagesi, izigxobo zikagesi nenye inqalasizinda okuzomele ibuyiselwe masinyane noma ilungiswe. Sizibophezele ukuthi lenqalsizinda kuphela iviki isilungisiwe. “ OThongathi lapho kuphampwa khona amanzi kuphoqelekile ukuba kuvalwe noma kumiswe ukusebenza kwabo ngenxa yokukhahlamezeka, kodwa bathe amanzi aseyaphuma nanxa bekumisiwe izolo ngoMsombuluko mhlaka 3 June 2024. Uphethe ngokuthi umphakathi awuqinisekise ukuthi uyayilalela imilayelo noma ngezixwayiso sesimo sezulu, ukuze kunqandeke ukundlula kwabantu emhlabeni. Baphethe imijondolo yaseMagwaveni icekeleke phansi yonke wathi ogandaganda babhizi bayakhuculula ukuze izimoto eziletha usizo zizokwazi ukufinyelela kubantu.