Seyasala imagebhugebhu iRumelin eyakhiqiza izingwazi zebhola
INKUNDLA i-KR Rumelin eseyasala imagebhugebhu ngenxa yokunganakwa
INKUNDLA yezemidlalo, i-KR Rumelin eyaduma eminyakeni edlule yama-1980s ngokusingatha imiqhudelwano yezemidlalo nokwadlala kuyo iningi lezihlabani zebhola ezazakhela igama emaqenjini amakhulu akuleli naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, isicekeleke phansi ngenxa yokunganakekelwa njengezinye izinkundla.
Le nkundla eseSection 4, eMadadeni, eNewcastle, ngokuthola kweZwi Lomphakathi akwaziwa ukuthi ingaphansi kukaMasipala waseNewcastle noma isengaphansi kwenkampani ekhiqiza insimbi, i-Arcelor Mittal phambilni okwakuyi-Iron and Steel Corporation (Iscor).
Le nkundla yodumo kuthiwa yakhiwa nguKR Rumelin, owabe eyisikhulu esiphezulu enkampanini I-Iscor, eyakhela abasebenzi ababehlala ehostela, Inqayizivele, elalakhelwe abasebenzi ukuba basondelane nomsebenzi.
Nokho yayibuye isetshenziswe yizikole emiqhudelwaneni yokuyogijima neyebhola likanobhutshuzwayo.
“Izikole zeseDannhauser, ezazisabizwa ngokuthi zingaphansi kweBuffalo Flats, zaziqhudelana kwezomgijimo nebhola enkundleni yezemidlao i-Durnacol kusekhona imayini iDurban Navigation Colleries (DNC Mine), bese kuthi ezihlungiwe noma ezinqobile ziyoqhudelana e-KR eRumelin nezikole zasoSizweni nezaseMadadeni,” kusho Sipho Mthethwa, owasebenza e-Iscor eminyakeni edlule.
Ngokusho kuka Mthethwa le nkundla yakhiwa nguRumelin ngenkathi kusenekilabhu yebhola yalenkampani i-Iscor, eyayibizwa ngokuthi i-Amcor FC.
Uthi kwakuphuma nesinedolo uma kunemidlalo kule nkundla eseyasala imagebhugebhu manje ngenxa yokunganakekelwa. Kukuyona le nkundla lapho okwaqala khona ukubonakala kwabadlali abagcina sebeyizihlabani kuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle.
Phakathi kwabo kubalwa uMoren “Samora” Khulu ongasekho owaduma kwiKaizer Chiefs, Helman “Ncane” Mkhalele wodumo kwi-Orlando Prates neBafana Bafana, Fani “Didiza” Madida wodumo kwiChiefs, Sizwe Motaung ongasekho wodumo kwiMamelodi Sundowns neBafana Bafana, Vincent “Ace” Sokhela wodumo kuMthatha Bucks, Frederick “Junior” Njiyela ongasekho wodumo kuMaZulu FC, nabanye abaningi.
“Kwakukhona umgijimi owayedumile okwakuthiwa uNtshishi, owabe ephuma phambili njalo emiqhudelwaneni yokugijima yezikole, owayethi uma engena emgqeni kusukume izihlwele zithi ‘Tshishi!’.”
“Ngikhumbula siyodlala umdlalo wokuhlungela ukuyodlala eKings Park, sidlala nesikole neSekusile High School, thina siqhamuka eBuffalo Flats (Dannhauser), lapho sayiguqisa khona iSekusile ngamagoli ngo 4-0 siyiMfundweni High School,” kulanda uZakhe Mthembu, emamatheka, naye owadlala kule nkundla yodumo.
UMpheka Madida, ongumfowabo kaMadida wodumo kwiChiefs, uthe ukubukelela le nkundla igcine imagebhugebhu ngale ndlela, kuyinto embi, njengoba bebaningi abadlali bebhola abazakhela igama kule nkundla.
Uthe bayafisa ukuthi lo mlando ngale nkundla iRumelin ushicilellwe phansi noma iqanjwe ngabanye abadlala kuyo abangasekho.
“UMuzi Madida noVusi Xaba, bathathwa ikilabhu iDangerous Darkies (yaseNelspruit) sinyelele bedlalela i-Sigxobo FC,” kusho uMadida.
Le nkundla iRumelin yayisetshenziswa yiLeeds United ngesizini ka-1989 esigabeni seNational Soccer League (NSL) First Division, manje esiyiBetway Premiership, ibophele oJabu “KK” Sithebe, Vincent Sokhela, Simon “Vader” Sikhakhane, Innocent “Inno” Mncwango, Patrick “Master” Nxumalo, Sizwe Motaung, Moses “Mbazo” Kamanga ongasekho, nabanye.
I-Leeds okwakuyiqembu laseThekwini yayithengwe yizikhulu zeChippas Dynamos, yadlala isizini eyodwa ka-1989 esigabeni esikhulu seNSL, esiyiPremiershio manje, yagawulwa yizembe, oMotaung noMncwango bathathwa yiJomo Cosmos, uSokhela noNxumalo bathathwa Umthatha Bucks, uSikhakhane wathathwa yiGiant Blackpool.
Oyinhloko yezokuXhumana eMnyangweni weZemidlalo, ubuCiko namaSiko, uThabo Mofokeng, uthe le nkundla kufuneka inakelelwe futhi ilungiswe uMasipala waseNewcastle. UMasipala waseNewcastle uthintiwe wathembisa ukuphendula mayelana nale nkundla.