UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka usememezele ukuthi isiphumile imiphumela yabebecele ukumakelwa kabusha amaphepha abebewabhale ngonyaka ophelile kaMatric.
Kubikwa ukuthi laba abafaka izicelo zokumakelwa kabushwa izifundo zabo zika matric banxuswa ukuthi baye ezikoleni lapho babefunda khona ukuze balande imiphumela.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni abaphuthume ezikoleni ababefunda kuzo.