SIYAZIYELA kuMkhonto weSizwe (MK), siyakwazi okufanele sikwenze! Lawa ngamazwi ashiwo nguKhodinetha wesiFunda ( Regional co-ordinator), uMnu Bongani Madlingosi, ngenkathi bekuhlangene wonke amalunga esiFunda saseMajuba izolo mhlaka 1 May 2024, enkundleni yezemidlalo eVanjaza, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Uthe mhlaka 29 May 2024 , owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, ophinde abe ngeMengameli we-MK, uzobe eyijaji kulolukhetho olubhekwe ngabombu. Uqhube wathi indawo yaseDannhauser ineminyaka ewu-6, ingenawo amanzi kanye nogesi. Waphinda wathi asilungise izinto ngoba sonke sibasha kulenhlangano ebonisa ukudlondlobala ngamandla esifundeni Amajuba kanye naKwaZulu-Natal. UMnu Otty Maphumulo uthe asiphumeni ngobuningi bethu siyovotela i-Mk, hhayi ezinye izinhlangano, sithole u-2/3 majority ukuze siphathe izwe siphinde siphucule izimpilo zabantu. “ Ukuphuma ngobuningi bethu siyovota sizoyiguqula yonke lemithethwanyana ethi uma usuneminyaka ewu-35, angeke usaqasheka, elawulwa umthetho wakudala esiphiliswa ngaphansi kwawo obizwa nge-Roman Dutch Law. Kuphinde kwavela kwesinye isikhulumi ukuthi kusukela mhlaka 15 December 2023, kunezindawo ezingenawo ugesi eDannhauser kanye namansi, saphinde sabalula ukuthi awukho uGrade-12, esikoleni esisendaweni yakwa Jan, Inzululwazi, izingane kumele zihambe , zigibele ziye kwezinye izindawo uma zifuna ukuyoqhubeka nemfundo namathuba emsebenzi engekho, abazali kumele bakhiphe isenti elingekho. Ongumholi wendabuko uMnu Zikode ukhale kakhulu ngendaba yokwentuleka kwamanzi eDannhauser kanye nokungabibikho kuka-grade-12 kwaJan. UMnu Sticks Kunene onguKhodinetha wesiFunda Amajuba, usigxekile isenzo senhlangano ebusayo sokuholela izaguga ngezinsuku ezahlukene. Uthe izaguga kumele zingaholi impesheni sekushaye omhlaka 3 enyangeni. “ Ukuhamba kukagesi kumele kuqedwe nya uma sekuvotelwe lenhlangano ngoba into yamabomu vele lena,” kusho yena. Uqhube wathi ukuhamba kwamanzi kuthunaza isithunzi somuntu omnyama, kanye nokuhamba kukagesi. Uphinde wathi kumele kuqinisekiswe ukuthi imincele iyavalisiswa ngoba kungena abantu bokufika kuleli noma abantu abaqhamuka emazweni angomakhelwane bezodayisa izidakamizwa. “ Intsha ayiqashiwe futhi sifuna izimboni zibekhona ezindaweni zasemakhaya,” esho. Uthe ikolishi lamakhono Amajuba sifuna libe khona endaweni yaseDannhauser. “ Khumbula okwenziwa nguMsholozi,” kusho ongu-Organiser wesiFundazwe i-KwaZulu-Natal. Eqhuba abafowethu nodadewethu babefa yisfo sengculazi kodwa uMsholozi waqhamuka nekhambi , balapheka bayaphila kumanje. Uthe khumbula ukuthi kwathi kubikezelwa ukuthi kuzoba nesifo se-Ebola, wasivimba uMsholozi. “ Abantu bayaphila bazidlela imishanguzo ngenxa kaNxamalala,” kusho yena. Uthe uMsholozi wasayinda ukuthi izinduna mazihole ngonyaka u-2013, kumanje ziyahola ngoba izona ezabamba iqhaza elikhulu ekulamuleni abantu ngesikhathi sobandlululo. “ Ngesikhathi seCovid-19, uhulumeni obusayo wagubha amathuna, engabe uqhamuka nekhambi lokwelapha lolu bhubhane olwandlula nemiphefumulo eminingi, washiya nezintandane kungenasidingo. “ Mhlaka 29 May 2024, sobe singcwaba i-ANC, sikhathele ukwenyuka kwentengo kaphethiloli, ukusweleka kwemisebenzi. Uphethe ngokuthi indaba yokuhushulwa kwezisu kumele iqedwe nya. Kulomcimbi kuphinde kwamukelwa namalunga amasha aqhamuka enhlanganweni ebusayoi. Bekugcwele ezinkundleni amalunaga eMk.