UMKHANDLU Amajuba uhlangene okokuqala kanye nabaholi bendabuko eBlack Rock Casino, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. “ Namhlanje usuku olubaluleke kakhulunjengoba sihlangene okokuqala nobuholi beNdabuko selokhu kwakhothama umsunguli weqembu elingiphathise lomsebenzi uMntwana wakwaPhindangene, kwaphinde kwakhothama Inkosi yesizwe saseMantungweni, esishiye ngesikhulu isihluku kanye noNdlunkulu wayo,” kusho uMeya wesiFunda uMntwana Ndabuko Zulu. Uthe uma kuqala unyaka sezwa izindabazokuhlaselwa kweNduna yesifazane uMama Nonina Mahlaba we Shabalala Traditional Authority kanye namalunga ache, omndeni. “ Ukuhlonipha bonke asebesilahlekele ngicela sithathe leli thuba sigebise amakhanda ukuhlonipha ukusishiya kwabo emhlabeni. “Sithi emindenini yabo sinabo ngaso sonke isikhathi,” esho esitatimendeni. Uthe imicabango kanye nemikhuleko, bakundlulisela emindenini. “ Abaholi bethu beNdabuko, baphila ngokwesaba ezizweni zabo. Okwenza kube lukhuni kakhulu ukuhola abantu ekubeni uthuka izaba ungumholi. Namuhla sizodingida izindaba ezifana nelezi ukuthola izisombululo. Njengobuholi boMkhandlu wesFfunda Amajuba sibize lesi sidlo sasekuseni ukuzama ukuvuselela nokuqinisa ubudlelwane phakathi kwethu njengoHulumeni, Amakhosi kanye nomphakathi wakithi ikakhulukazi owakhele ngaphansi kwezindawo ezilawulwa ngaMakhosi. “ Sikwenza lokhu ngaphansi kwezimiso zoMntwana wakwaPhindangene owayekholelwa kakhulu ebuholini bendabuko, lokhu wakutshengisa ngokuthi aze akhothame elwela isithunzi samaKhosi neziNduna. Sikholelwa ukuthi ukwakha ubudlelwano nobuholi beNdabuko kuyinto ebaluleke kakhulu emizameni yethu ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwethu namaKhosi neziNduna. Amakhosi kusukela emandulo abeyisisekelo sentuthuko nokuvikelwa kwamalunga omphakathi. Siyakholelwa ukuthi imihlangano efana nalo wanamhlanje ibusiswe ISilo esikholelwa kakhulu ekutheni kube nokusebenzisana okuhle phakathi kukaHulumeni nobuholi beNdabuko. “ Inhloso enkulu yalo mhlangano akukhona ukuthi sizokwenza izethembiso emaKhosini aseNdlunkulu kepha ukuzama ukuvulela inkundla sikwazi ukuxoxisana ngezinto ezithinta ukuthuthukiswa kwabantu ngaphansi kwalesi Sifunda,” esho . Uqhube wathi ezinye zezinto engithemba ukuthi sizoxoxisana ngazo udaba lwezinhlekelele ezihlasela kakhulu ezindaweni zaMakhosi. “Sekuyinto ethanda ukuba umchilo wesidwaba ukuthi sihlaselwe izimvula ezinamandla kanye neziphepho ezishiya zilimaze ingqalasizinda, imfuyo kanye nabantu imbala. Ikhona imizamo esesiyenzile ukubhekana nenkinga yezinhlekelele okuhlanganisa ukufakelwa kwabafana be Zulu phecelezi ama lightning conductors kwezinye zezindawo zaMakhosi kanye nokuba nemihlangano yokufundisa amalunga omphakathi ngokumele kwenziwe ukubhekana nolaka lwezinhlekelele. Sisemaphethelweni okuqeda ukwakhiwa kwesizinda seziNhlekelele (Amajuba Disaster Centre) ezosilekelela kakhulu ukubhekana nokubikwa nokuhambisa usizo kulabo abasuke bebhekene nezinhlekelele. Sifisa ukudlulisa ukuxolisa okukhulu eMakhosini aseNdlunkulu ngokuthi ukuqedelwa kwalesi sakhiwo sekuthathe eminingi iminyaka. “ Kuningi esikufice konakele kodwa sazama ukukulungisa. Amaakhosi sizowamema kungekudala ukuzothula lesi sakhiwo. Okunye esikubeke eqhulwini njengo Mkhandlu ukuhlomisa Amakhosi neziNduna zesifunda ngolwazi. Okubalulekile ukuthi nithole ukuqeqeshwa okufanele ukuze nikwazi ukuhola umphakathi uye phambili. Mphathi wohlelo, singakhuluma kungashona ilanga uma sesingena ezindabeni ezithinta umphakathi. Udaba lwamanzi ngezinye zezinto ezithanda kusiphazamisa ngenxa yezinselelo ezihlanganisa ukungasebenzisani kahle nabasiphakela amanzi Uthukela Water, udaba lokushoda kwemali okudalwa ukuthi abantu bakithi bahlala ngaphansi kwenhlupheko okwenza bengakwazi ukukhokhela izidingo ngendlela efanele, udaba lokulinyazwa kwengqalasizinda yezamanzi ezindaweni la kuhlanzwa khona amanzi, bese kuba udaba olubucayi oluthinta ukwanda kwemizi nokwakha kwabantu ezindaweni ezisuke zingahlelelwe ingqalasizinda yezamanzi nokunye okuthinta izidingo. Sinazo ke izinhlelo eziqhubekayo ezithinta ukubhekana nenkinga yamanzi. Lezi zinhlelo zihlanganisa ukulungiswa nokuthuthukiswa kwengqalasizinda yamanzi, ukufakelwa kwamanzi ezindaweni ezingakaze zibe nawo amanzi, ukwandisa umthamo njalo njalo. Lokhu okulandelayo ngeminye yemisebenzi esiphezulu kwayo NjengoMkhandlu:
• Emadlangeni Sanitation – The project was separated
into 3 contracts. Contract 1 has an allocation of 719
VIP units. Contract 1 is at practical completion, with the
contractor finalising the signing of the happy letters.
Contract 2 has an allocation of 792 VIP units. Contract
2 has established on site. Contract 3 has an allocation
of 927 VIP units. Contract 3 has established on site.
Overall construction progress is at 30%.
• Bulk Water Supply Goedehoop Housing Project
(Phase 2) – Utrecht WW-Internal Road excavations are
in progress. Water and sewer pipe excavation and
laying is in progress. Works on the staff facilities,
activated sludge reactor, clarifiers, sludge drying bed
have commenced. The project is now at 14% complete.
• Hilltop Settlement Reservoir Water Reticulation –
The major outstanding activities include Pipe pressure
testing & disinfecting, directional drilling and pipe route
markers. The project is 90% complete,
• Upgrading of Paving Area at Amajuba Disaster
Management Centre – Establishment is 100%
complete, Earthworks is 100% complete, Selected layer
is 100% complete, Subbase layer is 100% complete,
Base layer is 60% complete, Paving is 0% complete,
Kerbing is 0% complete. The overall completion of the
project is 65% complete,
• Construction of Groenvlei WTW & Bulk Water –
• Zaaihook WTW & Bulk Water Supply
• Sewer AC Pipeline Replacement in Dannhauser Durnacol
• Water AC Pipeline Replacement in Utrecht
• Re-furbishment of Water and Wastewater Treatment
Uthe lama project engiwabale ngenhla angamanye esiphezu kwawo, noma singawabalanga wonke. “ Isifiso sethu ukuthi Amakhosi azi ukuthi siwu Mkhandlu siphezu kwani, niphinde nibe nemibono emisebenzini esiyenzela izizwe zenu. Amakhosi anawo amandla okuthi nawo uma kunemibuzo ethinta izinto zentuthuko akwazi ukuphendula esebenzisa ulwazi olunobufakazi. “ Udaba lobugebengu enye yezinto engasiphethe kahle sonke kulesi sifunda Amajuba. Ngiyakhumbula ngonyaka odlule sihambele indawo yeNkosi uMabaso, eMgundeni sathola umbiko ngamasela azicanaselayo aphinde ebe nemfuyo. Okushaqisa kakhulu ngoba lesenzo sabo sicekela phansi umphakathi . “ Siyafisa izinhlaka zezokuphepha zisondelane namaKhosi ukuze kulwiswane nalobu bugebengu,” esho. “ Ngeke sakhalela aMakhosi aseNdlunkulu ukuthi awabhule wodwa lomlilo wobugebengu ngoba nawo asehlalele ovalweni, njengoba impilo yawo isengozini. Sengiphetha ngifisa ukukhumbuza Amakhosi ukuthi njengoMkhandlu sinohlelo lokusebenza ngokulandela uhlaka lwezinhlelo ezididiyelwe nokwabiwa kwezimali (IDP). Asifisi ukuthi Amakhosi aseNdlunkulu asalele ngemuva kulolu hlelo. Sifisa ukuthi uma siya ezindaweni zaMakhosi kube ukuthi abaholi sebenalo ulwazi ngalezi zinhlelo. Ngifisa ukubonga kunina nonke nina beSilo ngokuthi uma sinicela ukuba nisondele, niphendulile nasondela. Siyakholelwa ukuthi lo mhlangano uzokwakha ubudlelwano obuhle obuzogcineka isikhathi.