NGUMPHAKATHI obuhambele imbizo yokulwisana nesihlava sokwebiwa kweyo.Izithombe.Langelihle Chagwe
UBE yimpumelelo ukhukhulela nqoqo womhlangano wokulwisana nesihlava sokwebiwa kwemfuyo obubanjelwe endaweni yase Mooi Farm, eDannhauser, ngoLwesithathu.
Amaphoyisa aseDannhauser ebambisene noMasipala waseDannhauser kanye nezinye izinhlaka ezilwisana nobugebengu ikakhulukazi obuthinta ukwebiwa kwemfuyo , babize ukhukhulela nqoqo womhlangano obekuhloswe ngawo ukuqhamuka namasu okulwisana nesihlava sokwebiwa kwemfuyo kulesiyingi saseDannhauser osekudlangile kakhulu.
USergeant Nokulunga Masondo osebenzela esiteshini samaphoyisa aseDannhauser uthe lusani imfuyo yenu futhi nibike ngokushesha uma isintshontshiwe, ukuze namaphoyisa asheshe aphume umkhankaso wokuyithungatha.
“Sibhekene nenselelo enkulu kulesiyingi yesihlava sokwebiwa kwemfuyo ,yingakho sibize lomhlangano esihlose ngawo ukuzoqhamuka namasu okulwisana nesihlava sokwebiwa kwemfuyo,” kusho yena , eqhuba ethi imigulugudu ichithile futhi iyakwazi ukuzikhandela izincwadi zomgunyathi uma ifudukisa imfuyo iyisusa kwenye indawi iyisa kwenye.
Uqhube wathi asakheni amakomiti emiphakathini azolwisana nobugebengu kodwa zonke lezi zinhlaka kumele zilandele umthetho.
“Asakheni izinhlaka ezizolwisana nobugebengu, hhayi ezizocasha kulezinhlaka kanti izona imigulukudu futhi okumele nikwazi ukuthi lezi zinhlaka zibekelwe nina zisebenziseni,” ephetha.
“Biyelelani izibaya zemfuyo yenu ngendlela efanele ngoba iyifa lenu,Kusho uSergeant Nkosinathi Khanyi osebenzela esiteshini samaphoyisa ase Hattingspruit, eqhuba ethi , nikani amaphoyisa ulwazi olufanele ukuze abophe imigulukudu ngoba ihlana emphakathini futhi yaziwa yini.
“Inkomo uma isedlwelweni ayibe nomelusi futhi nibiyele izibaya zenu ngendlela ephephile, nevikelekile ukuze amasela angakwazi ukuyiphipha esibayeni,” kusho uColonel Sphamandla Mbatha, ophethe kwezophiko lokwebiwa kwemfuyo (Stock Theft Unit).
Uqhube wathi qinisekisekani ukuthi imfuyo yenu ishiswa ngendlela (brand mark), ngoba uma uyishise ngendlela engeyona kungenzeka ukuthi ingabiza omunye umuntu ,hhayi wena mnikazi.
Uphethe ngokuthi umphakathi ungazithatheli umthetho ngezandla zawo.
Umphathi siteshi waseDannhauser uLt-Colonel Nhlanhla Dubazane uthe ,sibhekene nenselelo enkulu yokwebiwa kwemfuyo kanye namanye amacala kulesiyingi sase Dannhauser, futhi sinezakhamizi eziningi, kanti amaphoyisa kanye nezinsiza kuncane.
I-Dannhauser iyodwa nje inomhlaba ongu-9.39 square km, izakhamuzi zona zingu-142 750 kodwa amaphoyisa angu-70 ngokwesibalo, okuchaza ukuthi iphoyisa li lodwa li melene nomthwalo wabantu abangu-4000, okuyinselelo enkulu.
Uqhube wathi amacala amaningi enzeke khona kule siyingi esikuso okungu Sector 4.
Akubalule kakhulu enkulumeni yakhe uLt-Colonel Dubazane uthe, izipoti ezisemthethweni ziningi okundlula amasonto engakazibali ezingekho emthethweni, athe amacala amaningi adalwa zidakamizwa.
Uqhube wathi amacala lana okwebiwa kwemfuyo enzeka ngezinsuku ezithize,hhayi njalo nje.
“Izinkomo zithathwa kakhulu ezibayeni kanye nasemadlelweni futhi zintshontshwa uma kuhambe ugesi, lina izulu,” kusho yena, eqhuba ethi imigulukudu iqhekeza ebusuku , zimpelasonto , emini ngenkathi bengekho abantu.
Uthe abantu bakulezindawo banezibhamu eziningi ezabantu esabashona ezibalelwa ku-223, wabe esenxusa abantu ukuba bazibuyise, ukuze balandele imigudu efanele ukuze babe ngabanikazi bazo ngokuphelele.
Uphethe ngokuthi ezindaweni ezifana no Pat, Ladybank, Verdriet kanye ne Hiltop , kugqekezwa abantu bengekho ngokocwaningo lwabo.
UMeya kaMasipala waseDannhauser uKhansela Bongane Radebe uthe, asinawo amasu okulwisana nobugebengu ngoba singakhuluma lapha kodwa mhlampe zikhona izigebengu zilalele.
Uqhube wathi ibhange lo muntu omnyama imfuyo, asiyivikeleni.
“ Isizwe esimnyama sinomona njengoba umakhelwane angathi ebona imfuyo yakho ithathwa ngamasela angakutsheli,” kusho uMeya Radebe.
Uphethe ngokuthi asibe namasu okusisiza thina sonke bafuyi ukuze sivikele imfuyo yethu.


