UKHOMISHANA wamaphoyisa esiFundazweni i-KwaZulu-Natal uLt-Gen , Nhlanhla Mkhwanazi, usenxuse amaphoyisa ukuthi azihambele izinhlelo internal Employee Health and Wellness (EHW) , ukuze bezohlala imiqondo yabo icabanga kahle , futhi ingacabangu ekuphendukela ezintweni ezithinta udlame, uma efuna izisombululo ezintweni ezithize. Lokhu kulandelwa ukuthi iphoyisa eliwu-Sgt libophe uzakwabo owu-Const oneminyaka ewu-40 emva kokuba edubule wabulala uSgt ngaphakathi esiteshini e-Community Service Centre (CSC), eNzuze., ngoLwesibili ebusuku mhlaka 4 June 2024. Kuvelile ukuthi u-Sgt oneminyaka ewu-47 ubesemsebenzi esebenzela e-CSC kanye nozakwabo owu-Const. Okhulumela amaphoyisa uCol Robert Netshiunda uthe omunye wama Const ubepatilola ngaphakathi emsebenzini ngenkathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu kuqhamuka khona e-CSC. Uqhube wathi ngenkathi ethi uyobheka ukuthi ngabe kwenzakalani wabona omunye uzakwabo owu-Const obengafakile umfaniswano wamaphoyisa ngoba ubengasebenzi ngalolusuku ephuma egijima. “ Lona uthe uma eyobheka wafica usayitsheni ehlezi esitulweni enamanxeba okudutshulwa , wabe esehlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko,” kusho yena. Uthe ngokungajwayelekile lona uConst ongumsolwa ufikile emsebenzini ngathi akwenzakalanga lutho , wabe eseboshwa khona esiteshini namuhla mhlaka 5 June 2024. “ Imbangela yokudutshulwa kubulawe umufi ongusayitsheni ayikaziwa okwamnanje kanti uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka,” kuqhuba yena. UKhomishana Mkhwanazi uthe amaphoyisa kumele aqinisekise ukuthi anobudlelwano obuhle kanti futhi kumele baqinisekisa ukuthi bayasizana futhi bayavikelana. Okhomanda kumele bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi , basondelane nozakwabo futhi bakubone , bakubheke ukuthi azikho yini izinxabano nobutha ngaphakathi kwamaphoyisa, noma ukungenami ngomunye uzakwabo. “ Umsebenzi wamaphoyisa uhlala unezinselelo eziningi kanti nawo abhekene nezinqinamba eziningi emsebenzini wawo,” elanda. Uqhube wathi lento eyenzeke kulesiteshi samaphoyisa esesibalulwe ngenhla asamukelekile futhi siyibhadi,” esho. Uthe nanxa icala lokudubula kubulawe usayitsheni livuluwe kodwa ukuqondiswa kobugwegwe kuleli phoyisa elibulele uzakwabo kwangaphakathi buzoqhubeka kodwa konke lokhe lulele ophenyweni oluqhubekayo. Uphethe ngokuthi ukubulawa kwalosayitsheni kube kubi futhi kwenzeka ngaphakathi endaweni yomsebenzi , kanti lendawo ifanele ukuba ephephile nevikelekile.
tshiunda