ABALISA ababili bagwetshiwe udilikajele neminyaka engu-18 yiNkantolo yesiFunda yaseMadadeni, eNewcastle ngoLwesihlanu, ngemuva kokulahlwa ngamacala okudlwengula.
USiyanda Shabalala (23), ugwetshwe udilikajele iNkantolo yesiFunda iMadadeni emva kokulahlwa icala lokuthumba nokudlwengula owesifazane owabe eneminyaka engu-26 ngo Ephreli 2021.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, okhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam, uthe lo wesifazane owaba yisisulu sokudlwengulwa wayevakashele umngani ngosuku lwesigameko, ngenkathi uShabalala engena endlini ababelele kuyo nomngani wafike wamshaya ngempama, wahamba naye ngenkani wamusa endlini eyabe iseduzane lapho amdlwengulela khona ephindelela.
Ube esegwetshwa udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula.
Kwelinye icala lokudlwengula iNkantolo yesiFunda igwebe iminyaka engu-18, uSipho Thusi (21) ngemva kokuba naye elahlwe yicala lokudlwengula intombazane eyabe ineminyaka engu-10 mhlaka 15 Septhemba 2022. UThusi ube esetshelwa ukuthi akasophinde anikezwe ilungelo lokuphatha isibhamu.
U-Arumugam uphinde wakuveza esitatimendeni ukuthi womabili lamacala abephenywa nguSgt T.P Mdluli.
UMkhuzi wamaphoyisa esiFundeni Amajuba, uMaj-Gen Fred Alexandra, uwuncomile umsebenzi kaSgt.Mdluli oholele ekugwetshweni kwalaba balisa ababili.