UGWETSHWE udilikajele neminyaka ewu-10 uNdoda Mbatha oneminyaka ewu-40, emva kokuba iNkantolo yesiFunda sase Escourt imlahle ngecala lokudlwengula Kanye nokubulala owesifazane wase Vumbu, Escourt, ngonyaka u-2018. Kuvelile ukuthi mhlaka 1 September 2018 , umgilwa wahamba nomngani wakho bayozithokozisa ngeziphuzo , base behlangana noMbatha, lona osegwetshiwe ababengamazi, kwathi umgilwa naye lona osebalulwe ngenhla baba nezinxoxo. Kuphinde kwavela ukuthi babe sebephumela ngaphandle bobabili, umngani wabe esefonelwa umgilwa ukuthi sebeya kwenye indawo noMbatha. “Babe sebevumelana abangani laba besifazane ukuthi bazotholana kuleyondawo umngani abe eseya kuyo, kwathi emva kwesikhashana uma umngani esethi ufonela umgilwa wathola ukuthi ucingo lwakhe lwabe seluvaliwe,kuvela enkantolo. Kuphinde kwavela ukuthi ngakusasa amalunga omphakathi ahamba ayokhombisa amaphoyisa isidumbu sikamufi ehlathini eliseduzane, lapho amalunga omphakathi asibona khona. “izimpahla zakhe zokuqgoka , izicathulo Kanye nejazi lomkhwenyana elabe selisetshenzisiwe latholakala lapho nalo. UMbatha lona wabe eseshaye utshani kwabe sekubhalwa irekhodi kwi Local Criminal Record Centre (LCRC), ukuze kucutshungulwe kufunwe nosizo. Ngo May, onyakeni u-2022, uMbatha waboshwa eboshelwa elinye icala kwabe sekuhlanganiswa ubufakazi obatholakala esigamekweni sikamufi wabe esematanyiswa nalo icala lokubulala. ENkantolo kuqulwa icala uMshushisi woMbuso uNokubonga Buthelezi wenanele ngobufakazi obelethwa ngumngani kamufi , Kanye namaphoyisa aya endaweni yesigameko, kanti nabethimba le-LCRC, lamhlanganisa necala ngolibo fuzo., kanti nodokotela owahlola isidumbu naye wamhlanganisa uMbatha nalelicala lokudlwengula aphinde abulale. Kuphinde kwavela ebufakazini ukuthi umufi wabulawa ngokuklinywa kanti futhi esithweni sakhe sangasese kwakunomuquzuko okuyizinkomba zokuthi wamdlwengula kuqala ngaphambi kokuba ambulale. Kuvelile ebufakazini bukadadewabo kamufi ukuthi umgilwa ushiye emhlabeni abantwana ababili abasebancane, kanti futhi ubesebenza ebanakelela abantwana bakhe asebesele beyizintandane ngenxa yalombulali ongenanembeza. UMbatha ube esegwetshwa udilikajele Kanye neminyaka ewu-10 , ebhadla ejele. Okhulumela isiFundazwe oPhikweni lezokushushuswa uNkk Natasha Ramkisson-Kara, usushayele ihlombe lesigwebo esikhishiwe wathi sothumela umlayezo onqala kubantu abafana noMbatha noma abasafisa ukugila umkhuba ofana nowakhe ukuthi ingalo yomthetho izobasusa emphakathini unomphela, waphinde wabonga kakhulu amaphoyisa ngomsebenzi omuhle wokubopha uMbatha, futhi athule nobufakazi obuholele ukuba agwetshwe kanzima.