UMSHANA ubenethemba lokuthi ukhuselekile futhi uphephile ngoba enomalume. Kanti Cha! Umalume lona abemethembile nguyena obone ukuba aphule isethembiso sokuba ngumalume ngoba kunokuba amvikele ezitheni kodwa kube nguyena omdlwengulayo ephindelela. INkantolo yesiFunda i-Nquthu, igwebe umalume ongenanembeza udilikajele emva kokulahlwa icala lokudlwengula umshana (11), izikhawu eziningi bese emsabisa ngokuthi uzombulala uma eke wabikela abazali ngomkhuba asuke emgile wona. Kuvelile ukuthi lesigameko besenzeke endaweni yaseNquthu izikhawu eziningi, ngoba kuvele ukuthi ubethi uma eseqedile ukugila lomkhuba bese esabisa ingane athi uzoyibulala. Kuphinde kwavela ukuthi kwabhoboka ithumba lapho elinye Ilunga lomndeni libona ukuthi lesigilamkhuba sesihlale siseduze nalentombazanyana, saba nezinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi, ngoba wabe wayesechitha isikhathi eside nalengane. “ Wabe esemqonda , kodwa lesigilamkhuba saphika kodwa umgilwa wabhoboka washo ukuthi umalume ongenanembeza ubemdlwengula izikhawu eziningi, umgilwa wasiwa kwadokotela owafika wakuqinisekisa ukuthi umtwana ubedlwengulwa wabe eseyaboshwa. UMshushisi wombuso uNkosingiphile Sithole ethula ubufakazi uthe ubufakazi ubabe buqukethwe ifomu u-J88, uyaqinisekisa ukuthi lengane yabe idlwengula izikhathi eziningi. Ube esendlulisela i-Victim Impact Statement (VIS) ebhalwe yingane yabe isiqhutshwa ngu Preparation Offficer uBhekithemba Hopewell Sithole. Uthe esitatimendeni sakhe uyiphoxile ingane ngoba ibikwethemba njengomalume, ebemhlonipha, wabe usuthatha ithuba lokuthi ingane incane ayikwazi ukuzivikela wabe usuyayidlwengula egameni likamalume. Esitatimendeni kuphinde kwavela ukuthi ingane ayisenzi kahle ezifundweni zayo ngenxa yokudlwengulwa ilomalume ongenanembeza, futhi kuphinde kwavela ukuthi ingane le ibisicabanga nokuzibulala ngenxa yokudlwengulwa umalume ephindelela. Esitatimendeni esithulwe uSithole uthi ingane ithe iphoxekile kakhulu ngesenzo sikamalume. Lesigilamkhuba sibe sesigwetshwa udilikajele kwelokudlwengula saphinde sagwetshwa izinyanga eziwu-12 sokuhlukumeza ngokocansi, kanti futhi inkantolo iphinde yathi ngeke aphinde avunyelwe ukusebenza lapho kukhona khona izingane, waphinde wafakwa kwirejista kazwelonke yabadlwengulayo (National Register for Sexual Offenders) , waphinde watshelwa ukuthi ngeke aphinde avunyelwe noma anikezwe ilayisenisi yokuphatha isibhamu. Okhulumela uPhiko lwezabashushusi KwaZulu-Natal, (National Prosecuting Authority), uNatasha Ramkisson-Kara, usushayele ihlombe lesigwebo wathi sizothumela umlayezo onqala kulabo abasafisa ukugila umkhuba ofana nalona ukuthi bazothola izigwebo ezinqala.