OWADLWENGULA intombazanyane eniminyaka emihlanu wabe eseyivala ngeshumi (R1), ukuthi ingatsheli muntu ugwetshwe udilikajele! Inkantolo yesiFunda iLadysmithi igwebe isigilamkhuba esadlwengula ingane kamakhelwane udilikajele ngenkathi elahlwa icala alivuma emva kokuboshwa kwakhe. Kuvelile kulenkantolo esibalulwe ngenhla ukuthi lomakhelwane oyisigilamkhuba wadlwengula intombazanyane eneminyaka emihlanu wabe eseyivala ngeshumi ukuba ingalibiki lolu daba ekhaya, kodwa umgilwa wavele walubiko lolu daba ekhaya uma efika. Kuphinde kwavela ukuthi lesi gameko senzeka ngomhlaka 28 November 2018, khona endaweni yaseLadysmith. “ Lomsolwa wabe engasuye umakhelwane wayo lenganyana kodwa wayephinde abe ngumalume womngani wayo ingane lena,” kuvele enkantolo esibalulwe ngenhla. Kuvelile futhi enkantolo ukuthi ingane yabe idlala ekhaya, lesi gilamkhuba sase siyibiza ukuba isiphelezela, nembala yakwenza lokho , kodwa lesi gilamkhuba sabe sesiyisa endlini engahlali muntu okuyilapho esayidlwengulela maqede sayinikeza imali eyishumi, sathi ingatsheli muntu ukuthi kwenzekaleni ekhaya, kodwa lentombazanyana ayizange ipholise amaseko yavele yathi uma ifika ekhaya yabikela umama wayo ukuthi wenzeni lomakhelwane ophinde abe umalume womngani wayo. “ Umama wengane wabe esebikela amaphoyisa , wabe eseboshwa umsolwa.” UMshushusi walenkantolo esibalulwe ngenhla uSandisiwe Ntuli ethula ubufaka uthe” Ungumakhelwane futhi ungumalume womngani wengane futhi ukwenze lokhu ngoba wazi kahle ukuthi ingane iyakwethemba.” Uphinde wathi ulibo fuzo (DNA), yakuqinisekisa ukuthi unguye lomuntu owabe esolwa ngokudlwengula lengane. Inkantolo ibe isimgweba udilikajele yabisithi,akavumelekile ngokusebenza lapho kukhona izingane khona, yabe isithi futhi akafanele ukunikezwa ilayisensi yokuphatha isibhamu, yabe isithi igama lakhe kumele lishicilelwe kwi-National Rigister of Sex Offenders. Okhulumela isiFunda KwaZulu-Natal i-National Prosecuting Authority, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, usishayele ihlombe lesigwebo sikadilikajele, waphinde wathi sothumela umlayezo onqala kulabo abasafuna ukugila lomkhuba ofana nalona ukuthi izinkantolo zobagweba odilikajele, futhi uphinde wancoma abashushusi kanye namaphoyisa abopha lesi gilamkhuba. Kulempelasonto uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Nhlanhla Khoza uthumele ithimba losoNhlalakahle ukuba liyosiza intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalombili , esidlwengulwe iqulu lamadoda nsukuzonke , eMandeni, wabe esenxusa leli thimba ukuba liyohlenga lentombazanyana esibalulwe ngenhla. Uqhube wathi lentombazanyane ibihlala nomama wayo Eshowe, kanti futhi ibidlwengulwa isoka lakhe umama lona, futhi nguyena obehamba ehlala nayo ezindaweni ezahlukene lapho ibivelele khona ukuze idlwengulwa ngamanye amadoda angananembeza khona, uma kudliwe amanzi amponjwana. Uthe kwaze kwadingeka ukuba kungenelela u-anti walengane ohlala eMandeni wabe eseyikhoselisa ekhaya lakhe, ngoba lengane yabe ihlukumezekile futhi idlwengulwa inqwaba yamadoda angananembeza endaweni ngoba nakhu yabe ihluphekile. ” Lengane yabe ishiya ikhaya isiyofuna amadoda ezolala nawo. Usigxeke kakhulu isenzo zalamadoda angananembeza futhi anesihluku esingaka, adicilele ikusasa lengane. uqhube wathi ukhiphe leli thimba ukuba liyoyihlenga lengane , liyoyibeka endaweni ephephile , iphinde ithole ukwelulekwa ngochwepheshe ngenxa yokuhlukunyezwa ilamadoda angananembeza nazwele lwengane encane yentombazane, okumele ngabe ithi baba kubo noma omalume.