UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni, sisashaqekile singumnyango esifundazweni saKwaZulu-Natal , emva kokutholakala kwezidumbu ezinhlanu zabantu abamukekuhlasela izimvula ezinamandla nezikhukhula
Kubikwa ukuthi lezi zidumbu ezinhlanu ezitholakele , ezabantu abamuke eLamontville, eThekwini, njengoba lezi zimvula ziqhubeka ngokukhahlameza lesi siFundazwe saKwaZulu-Natal.
UMfu Buthelezi ube esendlulisa amazwi enduduzo emndenini walaba abalahlekelwe amalunga emndeni.
Uthe esitatimendeni ,amathimba abhekelele izinhlekelele ayaqhubeka nokuthungatha abanye okukholakala ukuthi bamukile kuhlasela lezi zikhukhula.
“Okwamanje amathimba ezezihlekelele akwazile ukuthola abantu abadala ababili kanye nezingane ezintathu ezibe zisulu zale zikhukhula.
“ Umhlaba kamasiplala awanele ukuba abantu bakhe kuwo yingakho begcina bakhe izindlu ezindaweni ezingaphephile,” kusho uMfu Buthelezi, eqhuba ethi, kumele kutholakale izindawo eziphephile lapho okumele kwakhelwe khona abantu izindlu eziphephile.
Uqhube wathi esitatimendeni, abantu bakha izindlu nanoma ngani okungaphephile okubalwa kuko amapulasiti namathayela amadala nokunye.
“Sibhekene nenselelo enkulu ngoba uhlelo lwethu lokhwakhela abantu izindlu eziphephile luhamba kancane,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe esitatimendeni, abanye abantu bayakhelwa izindlu eziphephile kodwa ngenxa yokwentuleka kwamathuba omsebenzi bagcina beziqashise befuna ukuthenga okuya ngasethunjini.
“ Izakhamizi azizilalele izixwayiso ezizixwayisa mayelana nesimo sezulu esibi ukuze ziphephe futhi zisheshe zibalekele ezindaweni eziphephile.
“ Enye yezinkinga ezidala izikhukhula ukuthi kwakhiwa izindawo zokuhambisa amanzi abantu besesebancane kodwa ngenxa yokwanda kwabantu lezi zindawo ezihambisa amanzi (drainage system), azisakwazi ukumelana nalomthamo , bese esegcina egcwele imigwaqo nezindlu zabantu,” kuqhuba uMfu Buthelezi.
Ukuvezile ukuthi selokhu ziqalile lezi zimvula ezinamandla sekundlule emhlabeni abantu abangu-15, njengoba abanye bekhahlanyezwe zikhukhula ngesonto elendlule.
Uthe esitatimendeni ,kusathungathwa abanye abangakatholakali, futhi nezakhamizi zisahlalele ovalweni njengoba izangoma zezulu ziqagule ukuthi kulindeleke ezinye izimvula ezinamndla esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazwenisaKwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma uthe esitatimendeni abaholi bendabuko okubalwa kubo Izinduna naMakhosi abaqikelele ukuthi abantu babanika izindawo eziphephile ukuze bakhe kuzo izindlu.