UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uzibophezele ekulwisaneni nobugebengu ngalesi sikhathi sokuqala kwamaholidi okuphela konyaka kanti ufuna nabantu bahlale bephephile, lokhu kufakazelwa ukuthi anikezele ngezimtoto ezingu-36, kumkhuzi wamaphoyisa esiFundazweni uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Kukholakala ukuthi lokunikezelwa ngokusemthethweni kwale zimoto kuhloswe ngakho ukulwisana nobugebengu ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka kwenzeke ngoLwesibili e-Archie Gumede Conference Centre,eMayville, eThekwini.
“Ngaphambi kokuba anikezele ngalezi zimoto uNdunankulu uMnuz Ntuli uthe esitatimendeni,”Sikubone kufanelekile ukuthi sihambise izinsiza emazingeni aphansi lapho zidingeka khona kakhulu ekulwisaneni nobugebengu.”
Uqhube wathi esitatimendeni sikwenza lokhu emva kukuba kuphume umbiko wesibalo sobugebengu ngokwekwata yesibili salonyaka.
“ Lezi zimoto sifike ngesikhathi zidingeka ngaso kakhulu ngoba sibhizi nemikhankaso yokulwisana nobugebengu kulesikhathi samaholide okuphela konyaka,” kusho uMkhuzi wamaphoyisa uLt-Gen Mkhwanazi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Uqhube wathi lokhu kuzosisiza kakhulu ekulwisaneni nobugebengu obuhleliwe.
“Lezimoto zosisiza kakhulu ukuze sifinyelele ebantwini abaningi ngesikhathi esifushane,” kusho umkhuzi wamaphoyisa uLt-Gen Mkhwanazi.
Uthe,” Sizokuqinisekisa ukuthi lezi zimoto zizosetshenziselwa ukulwisana nobugebengu kanti labo abazozisebenzisela ukufeza izinhloso zabo bazobhekana nengalo yomthetho.”
Uphethe ngokuxwayisa izigebengu ukuthi amaphoyisa azobe ephume ngobuningi bawo ngenhloso yokulwisana nobugebengu kanye nasekuqikeleleni ukuthi abantu baphephile.