UKHOMISHANA wamaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi,Maj-Gen Francis Slambert, usamukele isigwebo esinikezwe umdlwenguli oneminyaka ewu-39. Uthe lesigwebo sizothumela umlayezo kulabo abasafisa ukugila lomkhuba ofana nalona ukuthi bazosuswa emphakathini unomphela, waphinde washayela ihlombe amaphoyisa ikakhulukazi umphenyi wecala ngegalelo lakhe elenze ukuba lesigilamkhuba sigcine sigwetshiwe. Uthe ku-Sgt obengumphenyi wecala wenze umsebenzi omuhle ukuze lesigilamkhuba sigwetshwe. Kuvelile eNkantolo ukuthi ngo-April 2021 lesigilamkhuba sangena endaweni lapho kwakuhlala khona lentombazanyane eyabe ineminyaka ewu-11, ngakesosikhathi safike sayidlwengula, endaweni yakwaLuvisi, eNquthu,eNyakatho neKwaZulu-Natal. Okhulumela amaphoyisa alesiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe lesigilamkhuba sadlwengula isizulu esabe sineminyaka ewu-11, kulonyaka osubalulwe ngenhla. Uthe kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa, aseNquthu, waboshwa ngalo lolo suku lomlisa, labe icala selindluliselwa kumphenyi Sgt Khumalo wophiko lwe Dundee Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS), abaqinisekisa ukuthi uphenyo balenza ngendlela. Lomlisa ube esegwtshwa iNkantolo yesiFunda iNquthu emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula lentombazanyana.