UKUBULAWA kwamaKhosi sekuyinsakavukela esiFundeni saKwaZulu-Natal. Ukubulawa kwamaKhosi neZinduna KwaZulu-Natal, kuyakhula kakhulu. Lamazwi Ashiwo nguNgongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba Zomdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, emva kokuba kuvele izindaba ezibuhlungu zokudutshulwa kubulawe Inkosi yaMantungwa u-Sphamandla Khumalo kanye noNdlunkulu uMadlamini Khumalo ngoMgqibelo ondlule. Usigxekile kakhulu lesigameko sokubulawa kweNkosi yeSizwe samaNtungwa uNgqongqoshe Moloi. Uthe ukubulawa komholi we-Amantungwa Traditional Coucil e-Utrecht (Emadlangeni), esenzeke kamuva nje, sibi kakhulu. Uthe njengomnyango sisathukile futhi sidangele. Uqhube wathi ngokombiko abawutholile bengumnyango Inkosi lokuhlaselwa kwenzeke ngenkathi Inkosi esibalulwe ngenhla ibikulendawo yase-Utrecht. “ UNdlunkulu neNkosi , bashonele endaweni yesigameko, kanti lokhu kubakhumbuza ngempi ebhekiswe ekubulaweni kwamakhosi, izinduna kulesiFundazwe. Siyasigxeka kakhulu lesi senzo sokubulawa kweNkosi uKhumalo kanye noNdlukulu, ngesihluku esingaka. Ukuvezile ukuthi Inkosi Khumalo ibingugumuntu wabantu, futhi isiphethe kahle iSizwe saMantungwa, kanti ibihola kahle , futhi ibinesikhundla kwi-Traditional Leadership, Provincial House of Traditional Khoisan Leadership. Uthe Inkosi Khumalo, ubesebenza ngokukhulu ukuzikhandla nokuzimisela futhi eyilunga le-Traditional Institutional Structures,abe uSihlalo we-Local House of Amajuba, abe-Executive Committee member of the Provincial House aphinde abe sohlakeni lwe-Heritage Portfolio Committee, ngokomsebenzi abawenza ngokukhulu ukuzinikela nangobuqotho. UNdunankulu wesiFundazwe uNksz Nomusa Dube-Ncube , wendlulise amazwi enduduzo emindenini , abangani, emphakathini nakulabo abesebenza nabo wathi balahlekelwe kakhulu. Uthe mina ngisebenze kakhulu naye ngisaphethe lomnyango osuphethwe uzakwethu Sithole-Moloi. Inkosi Khumalo izobekwa endaweni yayo yokugcina kusasa ngoMgqibelo mhlaka 5 November.