UMASIPALA wesiFunda Amajuba uthanda ukuqinisekisa ukuthi amakhansela kanye nezisebenzi zikamasipala zakhokhelwa imihlomula yazo yanyanga zonke njengoba kwabikwa ngamampunge ayethi ngeke zikhokhelwe amaholo enyanga uFebhuwari mhlaka 25.
Kubikwa ukuthi la mampunge asatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi amakhansela nezisebenzi zikamasipala wesiFunda Amajuba ngeke bakhokhelwe imihlomulo yazo ngenxa yohlelo olusha olufakwe kumakhompuyutha i-Microsoft Word 365.
“ UMasipala uthanda ukuqinisekisa ukuthi uzibophezele ekusebenzeni ngokukhulu ukungabi namfihlo (transparency), nokuthi abasebenzi abasebenza ngobuchwepheshe basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekubuyiseleni ezobuchwepheshe esimeni esijwayelekile,” kusho ihhovisi lezokuxhumana lalo Masiplala Amajuba, uMnuz Sbonelo Cebekhulu esitatimendeni.
Oyibamba leMenenja kulomasipala uMnuz Thulani Dube uthe esitatimendeni , ngifisa ukuxwayisa abezindaba ukuba bangasabalalisi izindaba ezingamampunge futhi ezingaqinisekisiwe ngoba zidukisa umphakathi kanye nabasebenzi.
Uthe esitatimendei , lesi senzo sidukisa abantu , siphinde sidicilele isithunzi sikamasipala phansi ,yingakho bethanda ukwazisa amakhansela, abasebenzi, izakhamizi, abaxhasi , abavakashi kanye nabatshali zi mali ukuthi izimo zibuyele esimeni esijwayelekile, futhi nokusebenza kuqhubeka ngokujwayelekile.
“ Iminyango kamasipala Amajuba ivuliwe ukuthi abezindaba baxhumane nawo ukuze bathole iqiniso ngezindaba abangabika ngazo, ezinobuqiniso.
“Siyacela ukuthi abezindaba baqale ngokusishayela abezokuxhumana kumasipala uma kunodaba abafuna lukhishwe , bangabhali ngamampunge,” kusho UMnuz Dube olibamba le menenja kumasipala Amajuba.
Uthe esitatimendi iminyango yethu ihlale ivuliwe , futhi siyaqinisekisa ukuthi konke sikubeka obala asifihli lutho ngesikwenzayo ,futhi abezindaba siyabamema uma kukhona esifuna kwaziwe, nangesikwenzayo njengomasipala.
“ Thina siyakuqinisekisa ukuthi sibeka phambili ukuhambisa izidingo nqangi kubantu esibaholayo, asihambisi izindaba ezingamampunge kwizakhamizi,” kusho yena.
Uqhube wathi kubalulekile ukuthi siyaqinisekisa silungisa konke okusalele emuva (backlog),ekuhanjisweni kwezidingo nqangi kwizakhamizi.
“ Siyazimema izakhamizi ukuba zisilandela ezinkundleni zokuxhumana ngaphansi kwebamba leMeya uKhansela Thembelihle Mthembu,” esho.
Uma kunemibuzo ungaxhumana nolibamba le menenja uMnuz Thulani Dube noma uMnuz Sbonelo Cebekhulu kulezinombolo 034 329 7200 (during office hours) noma 077 476 6460 or email mm@amajuba.gov.za or
sboneloc@amajuba.gov.za.