UMEYA woMkhandlu Amajuba, uMntwana Ndabuko Zulu, ehambisana nabezezinhlekelele, Eskom kanye ne-Red Cross bagixabeze abakhahlkanyezwa yimimoya enamandla mhlaka 3 June 2024, ngezijumbana zokudla, izingubo zokulala kanye nezinye izinsiza. Kuvelile ukuthi nezinye zezinhlaka ezingenzi nzuzo zangenelela mhlaka 10 July 2024, ekususweni kwalabo abakhahlanyezwa zimvula baphinde basizwa , ngoba balahlekelwa yikho konke ababenakho. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi kuhlasela inkanyamba abantu abaningi basala dengwane, yingakho bebone kubalulekile aukuthi babancede ngazo zonke izinsiza ukuze bavuse amakhaya abo. “ UMntwana Ndabuko Zulu ehambisana nalezinhlaka esezibalulwe ngenhla bagixabeze izisulu, ngokudla, izingubo zokulala, kanye nezinto zokuhlanza emindenini ebalelwa kwewu-100, lokhu kwenzeke eholweni lomphakathi lasOsizweni.” UMeya uMntwana Ndabuko Zulu, uphinde wabonga kakhulu abeSouth Africa Red Cross (SARCS) kanye no-eskom ngokuzobambisana nabo kuzolekelelwa abantu bakhahlanyezwa zimvula ezinamandla ebezihambisana nomoya. Uthe lokhu abakwenzile kukhombise ubuntu kakhulu ngokusiza labantu asebebalulwe ngenhla. Uphethe ngokuthi umasipala uzibophezele ekulekeleni laba abayizisulu zemimoya kanye nezimvula ezinamandla.