UKUNTULEKA kwamanzi sekuyinto efana nephupho kwizakhamuzi zaku-Wadi 3 naku-6 ngaphansi kukamasipala wendawo Emadlangeni. Lokhu kulandelwa ukunikezelwa ngokusemthethweni kweziphehli manzi (phecelezi boreholes), ezinhlanu kumasipala wesiFunda Amajuba ngaphansi kohlelo i-Municipality Infrastructre Support Agent (MISA) kanye ne Tirisane Trust Fund abebehola uhlelo lokuvuselela baphinde bafake iziphehli manzi ezintsha. “ yingakho loMasipala uzama ukuqhamuka nezinye izakhamuzi. Lolu hlelo luhambaindlela ukulethela abantu bakulesi sifunda amanzi,kusho uMeya uMntwana Ndabuko Zulu. Kuphinde kwavela ukuthi inkinga yamanzi inkinga enkulu kusona sonke isiFunda esesibalulwe ngenhla. Iphini leMeya ukhansela Thembelihle Mthembu ngenkathi ethula inkulumo yakhe emahhovisi lomkhandlu uthe imizi emningi ayinawo amanzi kompompi noma amapayipi axhunywe ngqo ezindlini eminingi bese kuthi abangu-13.3% abasasebenzisa ompompi bomphakathi. “ Ukulethela umphakathi wethu amanzi ahlanzekile, kuyinto eseqhulwini kithi njengobuholi besifunda. Ngonyaka odlule sabeka eceleni imali engango-3million wezigidi zamarandi , ukuthi sikwazi ukuvuselela iziphehli manzi ezindala ukuze sibuyise isithunzi kubona bonke abantu esibaholayo lusaqhubeka,” kusho ukhansela Mthembu. UMnu Corrie Pretorious, ovela ka Tirisano Trust Fund uthi njengoba bezonikeza umasipala lezi ziphehli manzi ngokusemthethweni, kuzodingeka ukuthi bayilalele yonke imiyalelo abazobashiya nayo, ezokwenza iziphehli manzi zihlale isikhathi eside. Ukuhlolwa kwamanzi njalo ngonyaka kumqoka ukuqinisekise ukuthi abantu bathola amanzi aphephile ngaso sonke isikhathi. Ezinye zalezi ziphehli manzi zilethe enkulu intokozo njengoba ibekwe emagcekeni esikoleni i-Kingsley Sivananda Combined School esiku Wadi-6. Iphini leMeya ukhansela Mthembu , ube esehola ithimba lonjiniyela ukuyozibonela lezi ziphehli manzi ephelezelwa imenenja kaMasipala Amajuba uMnu Mpume Manqele, uSomlomo waseDannhauser ukhansela Sibusiso Myaka, uSomlomo waseMadlangeni ukhansela Qwabe, uThishanhloko uMnu mayisele, uMnu Nxumalo, obemele abazali, Induna yesizwe sakwaMbatha, uMnu Nkwanyana kanye namakhansela aseMajuba.