NGUMKHUZI wamaphoyisa eKZN uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi
UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, usejube uphenyo olusheshayo ngemva kokuba kubonakale ezinkundleni zokuxhumana iphoyisa ebelifake umfaniswano lishaya umunutu endaweni yasePoint, eThekwini.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uLt-Gen Mkhwanazi uthe esitatimendeni kumele kwenziwe uphenyo olusheshayo ukuze leli phoyisa elibonakale kwi-vidiyo eqoshwe ezinkundleni zokuxhumana lishaya umuntu obekubonakala ukuthi akasiyona ingozi, liphenywe bese lithathelwa izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe.
“Lo muntu ubeshaywa yileli phoyisa ubengatshengisi ukuba yingozi ,” kusho uLt-Gen Mkhwanazi esitatimendeni ngokukhulu ukunengwa.
“Amaphoyisa awekho ngaphezu komthetho futhi akufanele azithathele umthetho ngezandla zawo. Uma lona obeshaywa ubenecala bekumele angashaywa, kodwa aboshwe. Ngakho lokhu okwenziwe yileli phoyisa kuyicala. Kumele likujezele lokhu kokushaya umuntu.”
Kubikwa ukuthi uzakwabo waleli phoyisa elisolwa ngokushaya, uzamile ukulehlisa umoya kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Ngeke sikumele lokhu, kudicilela phansi isithunzi samaphoyisa asebenza kanzima ngokuzikhandla ekulwisaneni nobugebengu.
Leli phoyisa lidicilele phansi isithunzi samaphoyisa kakhulu lokhu okungamukelekile. Sizokwenza isibonelo ngalo leli phoyisa eliphule umthetho-mgomo wamaphoyisa, i-South African Police Service Code of Conduct Regulations and the Constitution.
“Amaphoyisa abalulekile emphakathini ngokuthi kumele awuvikele, hhayi ukuwushaya. Umphakathi kumele uzibike izigameko zokuhlukunyezwa ngamaphoyisa ukuze ezoqondiswa ubugwegwe,” kuphetha uLt-Gen Mkhwanazi.