UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neZomdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wenze isiqinisekiso emindenini yabaminze osebeni lomfula eLadysmithi ukuthi abatshuzi bazoyithola imizimba yabaminza. Ithimba elibhekelele abezinhlekelele esiFundazweni KwaZulu-Natal, likuqinisekile ukuthi sekutholakale imizimba yabantu abane abebeminzile ngenkathi bethathwa zikhukhula., kanti futhi nethimba lamaphoyisa lizama ukuhlonza yonke imizimba yalaba asebetholakele beshonile , lihambisana nemindeni eyabika ukuthi ilahlekelwe ngabathandiweyo babo. Okhulumela uMnyango uMnu Siboniso Mngadi , uthe esitatimendeni esithunyelwe lokhu sekwenza ukuthi isibalo sabashonile ngenxa yezikhukhula sibalelwe eshumini kanti abayisithupha abakatholakali.
UNgqongqoshe Sithole-Moloi, usendlulise amazwi enduduzo kulaba abasemanzini ngenxa yokundlula emhlabeni kwamalunga emindeni yawo. Uqhube wathi lemindeni evelele yilenhlekelele izosizwa futhi iphinde isekwe ngokuthi ithole ukukhanselwa iphinde isizwe ngokuyingcwabela. “NgoLwesine uNgqongqoshe ukuqinisekile ukuthi wandisa abatshuzi, ukuze kutholakale imizimba yalaba abangakatholakali, ngokuthi acele usizo nakwezinye iziFundazwe ukuba zizolekelela kutholakale lemizimba. Uphinde wabonga kakhulu kwi search and rescue eholwa yi-SAPS K9 Unit, esebenzisana nezinye izinhlaka okubalwa kuzo IPSS Medical Rescue, i-AL-Imdaad Foundation for Disaster, kanye ne -South African Red Cross. Uphethe ngokuthi ukuthungathwa kwabaminzile kuyaqhubeka kanti futhi umphakathi uzokwaziswa ngokuqhubekayo.