UMNYANGO weZemfundo Kwazulu-Natal uthi usuqalile ukumaka izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka ka-2023. Kuvelile ukuthi umnyango uthi kuzoqala mhlaka 9 Dcember kuze kuphele mhlaka 20 December 2023.
Ngokusho kokhulumela umnyango weZemfundo uMnu Muzi Mahlambi zingu 32 izikhungo zokumakela amaphepha kamatikuletsheni. Uqhube wathi esitatimendeni esithunyelelwe leliphepha bangu 8 738 , abasebenzi abazobe beqhuba lolu hlelo lokumakela abafundi abebebhala izifundo zabo esiFundazweni esibalulwe ngenhla. Ngokohlelo osulubalulwe ngenhla kuthiwa bangu-6 926 abazomaka, bese kuba abangabaphathi abangu-1 381, ababheke abamaki, Kube ngamasekela angu-277 67 kanye nabangaphezulu kwabo bonke abangu-87. Kuphinde kwavela ukuthi uqeqesho lwabamaki luqale izolo mhlaka-7 November kwephezulu, kuze kuphele mhlaka 9 November. “ Ngithi ngifisa ukuthi lokhu kumaka bakuthathe njengokubalulekile kakhulu kakhulu ukuze kubeke ikusasa lezingane phambili ukuze zibe nekusasa eliqhakazile, ‘ kuphetha Ungqongqoshe weZemfundo uNksz Mbali Frazer..