ENYE yamaloli omnyango ebelihambisela izakhamuzi saseMsunduzi amanzi
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ufeze isethembiso sokuqinisekisa ukusebenzisana kwawo noMasipala uMsunduzi emva kokuba ubufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
Lokhu kufakazelwe ukuthi ngoLwesihlanu lo mnyango ngokubambisana no-Umngeni-Uthukela Water kanye noMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle bahambise amanzi ezakhamizini zakuwadi-28 nowadi-29, ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi ngemuva kokuba lezi zakhamuzi bezintula amanzi.
UNgqongqoshe woMnyango wezoBusa ngokuBambisana, uMfu Thuasizwe Buthelezi, uthe bakhiphe amaloli abo njengomnyango ukuze bahambisele amanzi kwizakhamizi zakula mawadi ebezihanjelwe ngamanzi ngoLwesihlanu.
“Singumnyango sibone kubalulekile ukuba sikhiphe amaloli ukuze ahambisele abantu amanzi ahlanzekile njengoba besichazile ngenkathi sibika isimo salo masipala ukuthi sewunalo uzinzo nenqubekela phambili, selokhu waqinisekisa ukuthi usebenza ngokubambisana nomnyango. Nokho sikubeke kwacaca ukuthi nanxa usunalo uzinzo, kodwa unenselelo yokushoda kwamanzi nogesi,” kusho uMfu Buthelezi.
“Sesinxenxe ukuba iziphathimandla ziqinisekise ukuthi akhona amasu nezinhlelo ezibhekelele ukulekelela uma kwenzeka kushoda amanzi ngaphansi kwalo masipala, ukuze izakhamizi zakhona zihlale zinawo amanzi ahlanzekile,” kuqhuba uButhelezi, ophethe ngokugcizelela ukuthi nawo uMasipala uMsunduzi uwakhiphile amaloli ukuze kuhanjiswe amanzi.