KUNGENKATHI kuqeqeshwa intsha ngamakhono okusebenza ngomsebe welanga
UMZINYATHI District Municipality Development Agency ubambisane ne-Moses Kotane Research lnstitute and Mantec Foundation , baqeqeshe intsha ewu-100, ngokusebenzisa amandla omsebe welanga besebenzisa izinto esezike zasebenza. Kuvelile ukuthi ngenkathi kuqhubeka lolu qeqesho intsha ifundiswe ngokusebenza ubuchwepheshe kwamandla omsebe welanga , ukusebenzisa amandla ngokuphindaphinda kanye nokufakwa kwemisebe yelanga. Isikhulu esiphezulu (CEO) ku-UMzinyathi Development Agency, uS Ntombela , uthe ngenkathi bezwa ngalelithuba baqoke ukuba balibambe ngezandla zombili, ngoba sibhekene nezinselelelo zokutholakala kwamandla kagesi kanye nokunye. Uqhube wathi lokhu kuzosiza intsha ukuba isebenzisa lamandla ukuza izakhele umnotho iphinde iwuthuthukise esifundeni Umzinyathi kanti futhi lokhu kuzodala namathuba emisebenzi entsheni. Uthe njenge ejenzi bazosiza yona lentsha ethole uqeqesho ukuba izivulele amabhizinisi ayo awokusebenzisa amandla omsebe welanga. “ Bazobe beqashwe kakhulu izikhulu eziphezulu ukuthi umsebenzi wawo noma amabhizinisi ayo, aqhubekela phambili , begadwe ochwepheshe kulomkhakha (senior technicians), ukuze bagcine bezimele njengosomabhizinisi,” esho. Uthe sibafisela impumelelo bonke labo abathole loluqeqesho. Uqhube wathi banethemba elikhulu lokuthi lokuvela kwalelithuba lwamandla omsebe welanga ukuzobasa empumelelweni. Uphethe ngokuthi banethemba ukuthi akugcini ngalaba ukuqeqeshwa kodwa kuzoqhutshekwa kuphinde kuqeeqeshwe nabanye kulomkhakha osubalulwe ngenhla ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi entsheni.