UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi ubehlangene nezakhamuzi zaseHlahlindlela, eMondlo, ngaseVryheid, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngenhloso yokubachazela ngokulethwa kwezidingo emphakathini. Lomhlangane ububanjelwe eholo lomphakathi ngaphansi kweNkosi uNyanda. Kuvelile ukuthi lomhlangano bekuhloswe ngawo ukuba kube nexingxoxo nawo umphakathi ukuze uveze ukuthi yini okudingayo okuyizidingo nqangi ukuze ilethwe intuthuko emphakathini abawakhele. Ukuggcizelelile ukuthi bona bengumnyango bazibophezele ekutheni baphucule izimpilo zomphakathi, baphinde bakuqinisekise ukuthi izakhamuzi zithola amanzi ahlansekile. Uthe sizondele kakhulu emiphakathini , asiziqhelelanisi nawo ngoba sihlose ukuphucula izimpilo zawo. Uthe basebenza ngokubambisana noMkhandlu wesiFunda iZululand, kanti futhi sebejube izisebenzi zabo kuwo ukuba basebenzisane nabo ukuze kuphakelwe abantu amanzi ahlanzekile. Uqhube wathi bazibophezelo ekukhuliseni umnotho wakulendawo ukuze bathuthukise abantu. “ Sinohlelo lokuhambisa amatende, iziqandisi, izitulo kanye neziqandisi ezingomahamba ngendlwana, eMakhosini kanye nakoNdlunkulu , ukuze basizakale. Inkosi uNyanda ubonge kakhulu ngungqongqoshe wathi lokhu lokhu kukhombise ukuwucangela umphakathi kanye nesizwe asiholaya.