UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi ngenkathi ebeqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane kuMasipala Ilembe ngelendlule. Loluhlelo lokuqwashisa ngodlame belubanjelwe endaweni yase Macambini ngaphansi kukaMasipala iMandeni. Lokuqwashisa bekuhanjelwe ngubuholi iKZN Provincial House of Traditional and Khoi-San Leaders , Deputy Chasirpesron of the KZN Provincial House of Traditional and Khoi San Leaders. INkosi Sithole ikuvezile ukuthi mazibuye emasisweni abantu babe nobuntu nenhlonipho njengakudala kusasdliwa ngoludala. Uqhube wathi abazali abaqinisekise ukuthi izingane bazikhulisa ngendlela eyiyo. Lomgubho uphinde wahlonishwa ngegalelo elenziwa ifawundeshini i-Thumumlilo Foundation ngezinhlelo zayo zokuthuthukisa intsha ngamakhono kanye nasemkhahkeni wezemfundo. UMeya woMkhandlu Ilembe District uKhansela Thobani Shandu uthe amadoda kumele abambe iqhaza elikhulu ekulwisaneni nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane. UNgqongqoshe uphinde wakuveza ukuthi Amakhosi abamba iqhaza elikhulu emiphakathini ukubuyisa abantu abasuke sebephumile endleleni. Uthe adlala indima enkulu ekuvikeleni abesifazane kanye nezingane. Uphinde wabonga kakhulu ngeqhaza elibanjwa iThumumlilo Foundation kanye nendima edlalwa Ukhozi FM kanye nomsakazeli kamathotholo uMroza Buthelezi ngokululeka intsha ngezinto eziningi. Uphinde wakuveza ukuthi bona sebethathe iThumumlilo Foundation bayifaka ngaphansi kokphiko lwabo ngoba inegalelo elikhulu lokufundisa intsha ngokwezemfundo. “ Sinenhlanhla thina kulomasipala ngoba sesine Women Advancement Fund eyasungulwa nguNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntuli. Kuvelile ukuthi sekwasungulwa uhlelo olubizwa ngokuthi isibaya samadoda lapho amadoda ehlangana khona adingide ngezindaba ezithinta wona nqo. Inhloso yalokuqwashisa ukuqinisekisa ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane luyanqandwa futhi luyaqedwa.