UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMhlonishwa, Mfu Thulasizwe Buthelezi, ubize umhlangano wakhe wokuqala nobuholi bomdabu kanye nabathwa Provincial House of Traditional and Khoi-San Leaders) esiFundazweni saKwaZulu-Natal. Kulomhlangano Amakhosi esifundazwe ngomlomo kaSihlalo Inkosi Shinga athule izinqinamba , nezinselelo abhekene nazo , kanti akhulume kakhulu ngokuphepha kwawo. Aphinde anxusa ukuthi kulwisanwe nesihlava esidlangile sokubulawa kwawo esifundazweni. Lamakhosi aqhamuka eziFundeni eziwu-11, abekhulunyelwa ngiSihlalo weNdlu yobuholi Bendabuko esiFundazweni. Uqhube wathi okwabo ukubona Amakhosi ehlinishwa futhi abambe iqhaza elikhulu ekuthuthukusweni komphakathi. “ Sizofuna onqoti kwezomthetho abazosisiza,” esho. Uthe sibona kubalulekile kakhulu ukuthi Amakhosi ahlale ephephile, ngoba lokhu sake sacella ukuthi umnyango uphenye ngokubulawa kwaMakhosi, ukuze kuqhanyukwe nesisombululo kulesihlava. UNgqongqoshe uMfu Buthelezi ukuqinisekisile ukuthi udaba lokublawa kwaMakhosi , bazolidingida kabanzi uma sebehlangana noNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntuli. Uthe okwanamuhla esho izoli bekusewumhlangano wokwendlalela ozodingida udaba lwawo Amakhosi, njengoba sekusebuholwini besikhombisa kulibe lelizwe lathola uhulumeni wentando yeningi. Uphethe ngokuthi usetshele umnyango ukuba uqashe abasebenzi be Expanded Public Works Programme, abawu-241, ukuze bezolekelela ekuhlanzeni amahhhovisi Amakhosi.