UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers , unikezelo ngosizo enhlanganweni iSiyandisa Academy, okuyinhlangano eqeqesha intsha ephila ngokukhubazeka, ibaqeqeshela ukubhukuda kanye nokugwedla izikebhe. Kuvelile ukuthi labo abathole loluqeqesho abaphila ngokukhubazeka ngokungezwa ezindlebeni abayintsha yaseManzimtoti. Kuphinde kwavela ukuthi lenhlangano iSiyandisa Academy, inikezwe losizo ngenkathi ibungaza abantu abakhubazekile ngokungezwa. “ISiyasindisa Academy okuyinhlangano engenzinzuzo ihlele umkhankaso wokuqeqesha intsha yaseThekwini ephila nokukhubazeka ngokubhukuda ngenhloso yokugwema ukuminza,” kusho Siboniso Khumalo , okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla. Uthe lenhlangano isineminyaka ewu-14, yasungulwa kanti futhi iholwa intsha ezinze eManzimtoti. “Ithimba labagqugquzeli nabaqeqeshi elizinikele kulesi sikhungo linikeza ukuqeqeshwa ngokubhukuda, ukugwedla izikebhe, nokuntweza emanzini ezinganeni ezintulayo ,nezikhubazeke ngokwehlukana, ezihlala emalokishini amaningana aseningizimu yeTheku,” esho. Uthe uhlelo lwalenhlangano iSiyandisa Academy lwaleviki, esisuka kulo bekuhloswe ngalo uqwashisa izithulu. Uqhube wathi intsha ehlomulile kulo bekuyizingane ebeziqhamuka kwaVulindlebe School for the Deaf ,ezizinze eChatsworth. “Uhlelo luqale ngoLwesithathu mhlaka18 September 2024, (uMandulo), lwaphela mhlak 21 September 2024 e-Alex Bulley swimming pool eMontclair. “ Bangaphezu kuka-80 abahlomulile kuloluqeqesho okubalwa kubo izingane eziphila ne-autism, izithulu, nobumpumputhe,” esho. Uqhube wathi omunye wabagqugquzeli nguTerence Parkin, umbhukudi waseNingizimu Afrika, ohlonishwa umhlaba wonke, owagqama kakhulu ngemuva kokuwina indondo yethusi kuma-Olympics ehlobo ngo-2000. “ I-Siyandisa Academy yanxusa uNgqongqoshe uMnu Rodgers, ukuthi alekelele ngezindleko zokuthutha nezinsiza. Uphethe ngokuthi emva kokuba kwenziwe izivivinyo ezidingekayo zokuhlola nokuhlolwa, uMnu Rodgers wasamukela isicelo salesi sikhungo “Njengombhukudi nomuntu othanda ukuthuthukiswa umphakathi, izinhlelo eziholwa
yiSiyasindisa Academy ngizishayela izandla,” kusho uMnu Rodgers.
“Kuyiphupho lami ukubona zonke izingane zaKwaZulu-Natal zithola amathuba alinganayo
kungakhathalekile ngemvelaphi nangazingqinamba ababhekene nazo,” engeza.
UNGqongqoshe uzibophezele ekuxhumaneni nezinhlaka ezidingekayo kuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi
iSiyandisa Academy inikezwa amandla ngokuqhubekayo nguhulumeni ukuze ifinyelele ezinganeni
eziningi. UNgqongqoshe uzophinde abize amalungu ezinkampani ezizimele ukuze abambe iqhaza.
UMnu Charles Khumalo ongumsunguli walesi sikhungo uzwakalise ukubonga kuNgqongqoshe
uRodgers ngokungenelela kwakhe.“Phambilini sizamile ukuthola usizo kweminye iminyango kahulumeni kodwa sangazithola izimpendulo. Umnikelo kaMnu. Francois Rodgers usenze sakwazi ukwenza uhlelo lwethu lweviki lokuqwashisa ngezithulu lube yimpumelelo” esho.
UKhumalo uchaze ukuthi phakathi kwezinselelo zabo ezinkulu kubalwa izindleko zansuku zonke
kanye nezindleko zokuhamba uma abafundi babo bemenywa ukuba babambe iqhaza
emiqhudelwaneni yezemidlalo.U-Khumalo uqhube wathi basemkhankasweni wokuthola ukugunyazwa yisigungu samasiko,ubuciko, ezokuvakasha, Izivakashi, kanye nesigungu sezemfundo nokuqeqeshwa KomkhakhaWezemidlalo (CATHSSETA) ukuze banikeze ukuqeqeshwa kwabahlengi okugunyaziwe.
UNgqongoshe uMnu Rodgers uthi iSiyasindisa Academy inamandla okuguqula izimpilo zezingane nemindeni ehlomula ezinhlelweni zayo.“Sesibonile abanye abantwana babo bethola imifundaze ezikoleni ezinezinsiza ezingconoeThekwini. Izinkakha zokubhukuda ezingabungazwa umhlaba wonke zingavela“Sisazibophezele ezinhlelweni ezifukula abantu abasha abebencishwe amathuba. Izinhlelo
ezinjengalezi zinamandla amakhulu okuguqula izimpilo, zinqamule umjikelezo wobubha futhi
zivikele izingane zethu ekungeneni ogibeni lwezinkinga zomphakathi ezifana nokuluthwa
yizidakamizwa nokukhulelwa zisencane,” kusho yena.
Ikhishwe uMgcinimafa eKZN. Uma ufuna ukucaciseleka, thintana nomxhumanisi uNkosikhona
Duma ku-071 383 0388.ngenxa yomlando waso omangalisayo osukela ngo-2010.