NGUNGQONGQOSHE we-Employment and Labour, uMnu Thulasi Nxesi, kwisithangami nabezindaba.
UNGQONGQOSHE we-Employment and Labour, uMnu Thulasi Nxesi, unxuse abaqashi ukuba babhalise izikhala zomsebenzi kanye noqeqesho abalwenzayo emnyangweni, uma befuna ukuqasha. Uthe banohlelo olubizwa ngokuthi Employment Serives System of South Africa (ESSA), olukhona emnyangweni okuhloswe ngao ukuqeda ububha nokuswelakala kwemisebenzi. Uthe bazimisele kakhulu ukuba basize kakhulu ekuhlungweni nasekuqashweni kwabantu ngaphandle kwenkokhelo. “ Ngalokho sithi thina akekho umqashi ozokhokha imali uma kuqhutshwa loluhlelo lokhu okwenzeka uma nelekelelwa ngamabrokhasi (brokering sytem), “ esho, eqhuba ethi thina siyasiza mahala ha kuloluhlelo. Uthe senza lolusizo kwabafuna umsebenzi mahala. Unxuse kakhulu abaqashi ukuba bangene kuloluhleo waphinda wathi lusiza kakhulu kulabo abafuna umsebenzi. Kuphinde kwavela esitatimendeni ukuthi ungqongqoshe ubekhuluma esithangamini sabezindaba kwiDigital Hub eBotshabela , eFree State, esibe zinsuku ezimbili. Uqhube wathi lesithangami besisesitediyami iKaizer Sebothelo, eBotshabelo Arena , lapho bekukhulunywa ngokuvulwa kwamathuba omsebenzi. Uthe i-Free State Jobs Fair ilandelwa ngezinye izinhlanganiso okuhloswe ngazo ukudala amathuba omsebenzi ezabakhona e-Gauteng,Mpumalanga, Eastern cape, KwaZulu-Natal, North West kanye naseLimpopo. Kuphinde kwavela ukuthi ekuqaleni konyaka lolu hlelo beluseThulamahashe, eMpumalanga., kanti leJobs Fair izondlulela eGeorge, Cape Town kanye nakwezinye izifundazwe. “ IDepartment of Employment and Labour Jobs Fair sihlose ngayo ukusiza bonke laba abafuna umsebenzi ukuba basizakale , ikakhulukazi intsha. Uphinde wakuveza ukuthi kusiza kakhulu ukuthi laba abafuna imisebenzi bakhulume nqo nabaqashi ngoba nabo basuke bekhona. Uthi i-Jobs fair eyenziwa umnyango Department ‘s Public Employment Serivice (PEC), kuhloswe ngayo ukudala amathuba emisebenzi kuphinde kuxhunyaniswe abafuna umsebenzi nabaqashi. Uthe lokubonisana nezinxoxo ebezikhona ngelendlule , kusize ekutheni kuphinde kuxoxwe neNational labour Migration Policy, i_Employment Equity, ngoba kuphinde kwaxoxwa nange Labour Activation Programme, Compensation for Occupational Injuries and Diseases Act kanye neProvincial Growth and Development Strategy. UMnu Nxesi uqhube wathi akafuni ukushumayela ngoba uyabona nokuthi izinga lobugebengu liphezulu kanti futhi intsha iluvanzi, kanti nesikhathi siyahamba. Kumele siqinisekise ukuthi imisebenzi lena entulayo iyatholakala, ikakhulukazi entsheni. “ Njengomnyango sesivule Jobs Fair kanye neCareer Fairs ezweni, kanti isisebenze iminyaka emibili, kanti futhi sesisungile omahamba nendlwana, abasiza kakhulu laba abasafuna umsebenzi. Uthe sebakhe ubudlelwane neDepartment of Higher Education and Training (DHET) kanye neDepartment of Basic Education, ukuze kusizakale laba abafuna umsebenzi. Uthe lodlelwano buyinxenye yePresidential Youth Employment kanye ne Education for Employability (E4E), eyasungulwa yi-European Union, ukucija izingane zisesikoleni.