NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi
UNGQONGQOSHE wezokubusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-natal, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uzoklomelisa oMasipala abesebenze kahle esifundazweni. Kuvelile ukuthi ukwenza lokhu ngenhloso yokubagqugquzela ukuthi kaqhubeke nokuhambisa izidingo emphakathini ngokukhulu ukuzimisela. “Lokhu sihlose ngako ukubakhuthaza, ukubagqugquzela ekutheni benze kahle ekuhambiseni zidingo emiphakathini ngoba bakhonela lokho,”esho. Kuphinde kwavela ukuthi kulomcimbi ohleliwe wokuklomelisa omasipala abenze kahle ungqongqoshe , uhlose ekukhombiseni ukuthi labomasipala babambe iqhaza elingakanani ezinhlelweni zokuhambisa intuthuko nezidingo nqangi emiphakathini. “Omasipala bazobe beklonyeliswa kulemikhakha eyahlukene okubalwa kuyo lena elandelayo abahambe phambili kwi-Municipal Infrastructure Grants (MIG) project, financial management, cleanest township, best waste management, spatial development framework, and functional community service centres,”esho, esitatimendeni. Uphethe ngokuthi uzophinde aklomelise imikhandlu yamakhosi eyenze kahle ekuqikeleleni ukuthi kuyasetshenzwa ekuhambiseni izidingo nqangi emiphakathini. Abezindaba bayamenywa ukuba babe yinxenye yaloklonyeliswa.
Uhlelo lumi kanje: Usuku: 13 February 2024
Indawo: Pietermaritzburg City Hall
Isikhathi:6 Ntambama 2024