UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uSiviwe Gwarube uphikisene nokusayindwa kwebhili i-BELA. Uthe kusenemithetho ethi okumele ichitshiyelwe. Uqhube wathi ngizohlala ngiphikisana nokusayindwa kwalebhili uma isabhalwe kanje kanti futhi ngamcela uMengameli ukuthi ayiphuyisele ephalamende ukuze kubhekisiswe isiba esithize somthethosisekelo wezwe (Section 79 of the Constitution). Uqbube wathi ngiwabekile namaphuzu okumele afakwe kulomthetho. “ Ngibe sengiba neziphakamiso ngalokhu okulandelayo: Ngiveze ukuthi okubekiwe ngendaba yokwamukelwa kwabafundi bakaw Grade R kanye nolumu ipholisi ayikucacisile kahle futhi nokusebenza kwezigungu zababazili ezikoleni (school governing bodies), Ukwamukeleka ngokusemthethweni kuka Grade R ezikoleni ngokuyimpoqo kodwa kubukwa ikakhulukazi ukuthi umnyango wona ume kanjani ngomthamo okumele bawamukele wabafundi bakulesigaba, ezikoleni zomphakathi kanye nasezinkulisa , ukuz ebamukelwe kahle. Uqhube wathi iPhalamende kumele liqale ngokulungisa lokhu okungalungile ngebhili lena okumele imukelwe izigidi zabafundi bakuleli ukuze bathole imfundo encone ukuze babe nekusasa eligqakazekile lapha eSouth Africa. Uthe uhulumeni wobumbano kumele akuqinisekise ukuthi ubhekelela izinhloso nezimfuna zabantu baseSouth Africa. Uthe yingakho ngibe nokuxhumana okuhle noMengameli maelana nalolu daba. Uthe yingakho ngibone kubalulekile ukuba ngiphikisane nalebhili ukuze singagcini sesizithola sibhekene nengalo yomthetho. “ Yingakho ngibhalele uMengameli wezwe uMnu Cyril ramaphosa ngimtshela ukuthi kulesimo esikhona okwamanje angeke ngibe yingxenye yokusayindwa kwalebhili uma zingakalungiswa lezinto esengizibalule ngenhla,” esho. Uphethe ngizibophezele futhi ngizimisele ekutheni ngisebenzele izwe futhi ngikuqinisekise ukuthi abafundi bathola imfundo engcono.