UNGQONGQOSHE , Mmamoloko Kubayi, ashiye angalazi elwisana nalaba abangena ngokungemthetho ezindlini zoxhaso (sudsidised houses), ezingakhelwe bona. Wathi abaphume baphele! Uphinde wathi isikhathi sosonkontileka abakha izindlu bangaziqedi kanye nalaba abangena ngokungemthetho ezindlini zabantu nabo isikhathi sabo siphelile. Ukusho lokhu ngesitatimende asithumele ekusho, eDan Tloome Rand West Local Municipality. “ Angizifuni izaphula mthetho nabantu abangalihloniphe ilungelo labanye, ngoba bonke labantu abanelungelo nabagunyaziwe ukuthi bafanele ukuthola izindlu bagcina bengazitholile ngenxa yalezigilamkhuba,” esho. Uqhube wathi lokhu kwabantu abangena ngenkani ezindlini zabantu ufuna kuphele futhi nomthetho udlale indima yawo. Uphinde wanxusa bonke laba abangena ezindaweni okungasizo ezabo ukuthi baphume baphele, ngoba akuzona ezabo. Ukwele wadilika kulabo sonkontileka abangaqedi izindlu ngesikhathi ababekelwe sona , nalabo abavele bazishiye zingaphelile banyamalale ukuthi isikhathi sabo siphelile. Uqhube wathi lokhu ukungaqedi izindlu kuze kundlule uhlahlo mali, kumosha amamillion aabakhokhi bentela, kuphinde kuphule ilungelo lalabo abanesidingo esikhulu sezindlu. Uphinde wanxusa osonkontileka ukuba benze okufanele baqedele izindlu ukuze zizondluliselwa kubanikazi bazo ngokushesha, ngoba bayazidinga. “ Ngifuna ukuthi izindlu eseziphelile zindluliselwe kubanikazi bazo ngokushesha,” kusho yena. UNgqongqoshe, we -Human Settlement kanye ne-Infrastructure Development, uMnu Lebogang Maile, ukhiphe isexwayiso ezikhulu , wathi bonke labo sonkontileka abenza umsebenzi ongalungile bazolitheza olunenkune, ngoba baphazamisa uhulumeni ukuba ungahlinzeki umphakathi ngezindlu. Uthe angeke sikubekezele lokhu kokuthi osonkontileka bangawuqedi umsebenzi wabo bawuqede, nalaba abakha izndlu ezingekho emgangathweni. Kuphinde kwavela ukuthi unikezele ngamatayitela kulabo abahlomule ngezindlu.