USHAYELWE ukuphuza yedwa! Uphuzeleni ngingaphuzanga. Lawa ngamazwi abuzwe ngumakhelwane, ngenkathi ehlangana nomunye womakhelwane ephuzile. Kuvelile ukuthi ngaphambi kokuba lomakhelwane ongumbilwa aphendule ube esethelwa isibhaxu eshayelwa ukuthi udakwe leni lona umsolwa engadakiwe. Ku[hinde kwavela ukuthi lesigaemeko senzeke ngelendlule emgwaqeni wase siGcemeni sesithupha (6), eMadadeni, eNyakatho, neKwaZulu-Natal. Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle uLizzy Arumugam utshele leli phephandaba esitatimendeni ukuthi kuphenywa icala lokushaya kanye nelokubamba inkunzi. Uthe ebusuku ngelendlule umakhelwane ubezihambela ngezinkathi zasebusulu, ngenkathi enhlangana nomsolwa (umakhelwane) emgwaqeni, obe esemsola ngokuphuza yedwa, wabe esemphoqa ukuthi akumnike imali. “Engakaphenduli umgilwa kusolakala ukuthi ube esemshaya ngempama wawa (umgilwa),wabe umsolwa ongumakhelwane ekhipha umese wamsabisa ngokumgwaza,” esho. Uqhube wathi ngenkathi esalele phansi umgilwa umakhelwane ube esemkhuthuza wathatha umakhalekhukhwini nemali engadalulwanga. Akukaboshwa muntu kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Bagwetshwe iminyaka engu-26, kwelokubulala,nelokuthumba
INKANTOLO yesiFunda i-Ntuzuma igwebe uZwide Nxumalo oneminyaka engu-49, uBongumusa Mfanafuthi Qwabe oneminyaka engu-34 kanye noBhekinkosi Simphiwe Manyanga oneminyaka engu-34 ,...