NGUSIHLALO wendlu yendabuko uMnu R.S Shinga.
USihlalo wobuholi bendabuko (KwaZulu-Natal Provincial House of Traditional Leaders) KZNPHTKL, Inkosi R.S Shinga, ithi iphoxekile futhi idumele ngokuputshukwa kwencwadi eyimfihlo ebeyibhekiswe eSilweni uMisuzulu kaZwelithini. Iputshukela kwabezindaba. Kuvelile ukuthi ubudlelwane bakudala nobamanje neSilo bafisa ukuba bugcine bubuhle njengiba silibe sagcotshwa nanamuhla. Uthe lokhu kuyabonakala futhi kuyacaca ukuthi ukuxhumana kanye nobudlelwane busahamba kahle. Uqhube wathi bona bazimisele ukugcina ubudlelwane bubuhle kanye neNdlulamithi kulandelwa imithetho namasiko esintu kuphinde kulanelwe nomthethosisekelo wezwe The Constitution of South Africa Act 108 of 1996, weTraditional and Khoi-san Act 3 of 2019 kanye noweKZN Traditional and Leadership Governance Act 5 of 2005, ogunyaza ukuthi indlu yobuholi bendabuko bunikwe Amandla nempilo ngenhloso.
Uthe bakubone kubalulekile njengeKZNPHTKL, ukuba babhale incwadi bayibhekise esilweni ukuze siyicubungule nokuba sithathe isinyathelo ngalokhu abebekubhalele sona. Kuphinde kwavela ukuthi bekunesizathu sokuthi iSilo sihlele umhlangano naMakhosi esiFundazweni ngoba kunomlando wokuthi lencwadi beyibhalelwe ukuthi iSilo uMisuzulu athathe isinqumo ngokubizwa kwalomhlangano.
“Amakhosi awumgogodla wesizwe samaZulu futhi aphinde athathwe njengengubo yeSilo,” esho , esitatimendeni. Uqhube wathi yingakho kubalulekile ukuthi kube nekhanseli ebhekelele ukululeka iSilo njengomnyango Institution of Traditional Leadership. Uthe njengoba izwe libheke okhethweni olubhekwe ngabovu amaqembu amaningi azofuna ukusebenza lomnyango Institution of Traditional Leadership, ukuze bagaye amavoti amaningi kanti kumele abaholi bendabuko Amakhosi ayaqinisekisa ukuthi awachemi nanhlangano ngoba kumele bahole abantu abaningi futhi abaqhamuka ezinhlanganweni eziningi zepolitiki. Uthe kumele Amakhosi aqikelele ukuthi awasetshenziswa amaqembu ukuveza izinhloso zawo zepolitiki. Uthe lesitatimende sishicilelwe iphephandaba i-Bayede News futhi sibhalwe uMnu Sihle Mavuso kanti besikhuluma ngezindaba Ezivuthayo emaputoland, lokhu abakubona njengento eyimizamo ukuthi kungabibikho uzinzo esizweni samaZulu siphinde sidicilele phansi ubuholi bendabuko(Traditional Leadership), siphinde sense ukuba amaqembu ezepolitiki alwe izimpi zawo ngobuholi bendabuko.