ZISALE zinje izindlu kuhlasela izimvula ezinamandla esifundeni uMgungundlovu
ZISALE dengwane izakhamizi ezingaphansi kukaMasipala wesifunda uMgungundlovu kuhlasela izimvula ezinamandla nomoya ngeSonto ebusuku, kwakhahlamezeka nesibhedlela i-Harry Gwala Regional Hospital, eMgungundlovu, phambilini ebesaziwa nge-Edendale Hospital.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe abezimo eziphuthumayo baphansi phezulu babheka umonakalo emva kokuba imizi eminingi ipheshukelwe wuphahla, kwacekeleka phansi nengqalasizinda.
“ Abezimo eziphuthumayo nezinye izinhlaka baphansi phezulu, babheka umonakalo odalekile. Bezixwayisiwe izakhamuzi ukuthi kunezimvula ezinamandla ebezilindelekile khona ngeSonto ebezisesigabeni 4 (level 4). Lezi zimvula ezinamandla zisalindelekile komasipala okubalwa kubo iTheku, uThukela, uMzinyathi, uMgungundlovu, Harry Gwala, Ugu, neLembe,” kusho uButhelezi.
Uqhube wathi lezi zimvula kulindeleke ukuba ziwise izihlahla, zicekele phansi inqalasizinda, zigugule imigwaqo, ziwise izigxobo zikagesi, zidlule nemiphefumulo yabantu neyezilwane.
“Lokhu kuzodalwa ukuthi imvula izobe ihambisana nokuduma kwezulu, imimoya enamandla okungacekela phansi izindlu, ingqalasizinda kuphinde kudlule nemiphefumulo yabantu. Ngiyaninxusa zakhamizi ukuba niqikelele ukuthi niphephile njengoba kuqagulwa lezi zimvula ezinamandla, kodwa amathimba ezimo eziphuthumayo azobe elokhu esiqaphile isimo.”