KUNGENKATHI kumasha izakhamizi zaseDannhauser. Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
IZAKHAMIZI eziqhamuka kuwo wonke amaWodi aseDannhauser zimashele emahhovisi akuMasipala waseDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, zihambise uhlu lwezikhalazo kanye nezimfuno ngoLwesihlanu (namuhla).
Izakhamizi bezikhalazo ngokuthi izidingo nqangi azihanjiswa kuwo wonke lamaWodi alomasipala.
Obekhulumela izakhamizi ophinde wafunda uhlu lwezikhalazo uMnuz Sabelo Mahaye uthe , sibhekene nenkinga ngalomasipala wase Dannhauser oqasha abntu abangahlali ngaphansi kwalomasipala, ubaqashela imisebenzi engadingi amava neziqu.
“Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi lo masipala usifake abantu abangasibo abangabahlali baseDannhauser ezindlini zomxhaso (RDP houses), ezakhelwe izakhamizi zaseDannhauser,” esho eqhuba, ethi , okunye esikuzele lapha ukuthi uMenenja walomasipala waseDannhauser uMnuz Mandla Sithole uqashe izihlobo zakhe, abangani kanye nezintombi zakhe, sikhuluma nje umfowabo waqashwa njengomsizi wakhe (Personal Assistant), kodwa manje usesebenza emnyangweni wezezimali kuwo lo masipala ngaphandle kwamaphepha kanye namava okusebenza kulomnyango obucayi.
UMnuz Mahaye uqhube wathi, ngenkathi efunda uhlu lwezikhalazo , kumanje kuqashwe uMnuz Sifiso Nkosi osebenza emnyangweni wezabameli (Legal Manager), kodwa futhi naye akanazo iziqu noma amava okusebenza kulomnyango.
“Sibhekene nenkinga njengoba kukhona nomunye oqashelwe ukuzohlanza amahhovisi akulomasipala kodwa ongowaseNewcastle futhi ohlobene naye uMenenja uMnuz Sithole,” kusho uMahaye efunda uhlu lwezikhalazo.
Uqhube wathi kunomunye ongumshana kaMenenja naye ongumsebenzi kamasipala aphinde abe nenkampani yonogada nayo inkampani yakhe ethole ithenda lokuqapha khona lapha kumasipala.
Baphinde bakhalaza ngokuthi azikhangiswa izikhala zomsebenzi kuphinde kuqashwe abantu abangabangani nezihlobo eziqhamuka koMnambithi kanye nakoMgungundlovu.
“ Kunezakhiwo ezakhiwa kodwa azikaze zisebenze okubalwa kuzo irenke yamatekisi. Okunye okwenziwayo njalo kuhlale kufakwa udaba lokulungiswa kwesikhungo samaphoyisa omgwaqo (licensing department), kusabelomali kodwa namanje asikaze silungiswe.
Izikhalazo bezithi
*ESkobhareni kwahlatshwa isoyi ukuze kwakhiwe isikole lokhu akukaze kwenzeka.
* Kwahlatshwa isoyi kwafakwa izikhonkwane ukuze kufakwe ugesi kodwa akukaze kwenzeke lokho eWadi 8.
*Kwathenjiswa abantu ukuthi bazotholelwa indawo ngenxa yokuhlushwa ibhunu kodwa lokho akukaze kufezeke.
* Izindlu zomxhaso eziqeda kwakhiwa azihlali abantu baseDannhauser kodwa zanikezwa abantu bokuhamba ababezibhalisele abazitholile.
* Kukhona usonkontileka owaqashwa ukuze azofaka amanzi eWadini lesibili kodwa izakhamizi azihlomulanga ngamathuba omsebenzi kulosonkontileka.
* Amalambu asesitaladini edolobheni i-Dannhauser awasebenzi kumnyama.
*Imigwaqo engenelela emakhaya (access roads, nayo ayikaze yakhiwa.
* Amakhamera alawula ijubane ezimotweni afakwa kodwa awakaze asebenze edolobheni i-Dannhauser.
* Izindlu zezezihlekelele ezakhelwa izakhamizi azikaze ziphele kodwa usonkontileka sewahamba.
* Imayini ayiyilandeli imigomo yokubuyisela emphakathini (Social Labour Plan), kodwa akwenziwa lutho.
*Ezimayini abaqashiwe abantu baseDannhauser kodwa izimayini zikhona.
*Umasipala wakha izndlu ezimbili vo emva kokukhahlanyezwa kwezindlu zezakhamizi zikhukhula kanye nezimvula ezinamandla.
*Amaloli kanye nemishini yezimayini kucekela phansi umgwaqo kodwa akuthathwa zinyathelo.
* Kunezindawo okwakumele zifakelwe ugesi ongumfakela (infills), kodwa lokho akukaze kwenzeka kwagcinwa ngokuhlatshwa kwesoyi kuphela.
* Sifuna ukucaciselwa ukuthi yini uMeneja kamasipala agadwe futhi ugadwe lani ngonogada abane kodwa uMeya egadwa ngababili.
*Sifisa ukwazi ukuthi kuqhubekani ngenxanxathela yezitolo esathenjiswa yona (shopping centre).
Baphinde bacela ukuthi akuphenywe izinsolo zokwenzelela (nepotism) kanye nokuqashwa ngobuhlobo nobungani kanye nokungakhangiswa kwezikhala zomsebenzi.
“ Akuphenywe ukuthi lona osebenza ngezomthetho (Legal Manager), usebenza kanjani enganazo iziqu futhi esahamba icala.
“Sifisa kuphenywe ukuthi lona obhekele ezobuchwepheshe kumasipala futhi oqashwe ngokugcwele ukuthi unikwa kanjani ithenda ngenkampani yakhe yonogada i-Sibavikele Security Company, futhi kusolakala ukuthi ungumshana kaMenenja.
Baphinde bakuveza ukuthi bafisa kuhlolwe zonke izisebenzi zikamasipala ukuthi zikufanele yini ukusebenza kanye nokugqogqobala izikhundla ezikuzo futhi zinawo yini amava kanye namaphepha.
Bathe okunye okusiphatha kabi kukhona umuntu owaqashiselwa ipulazi likamasipala iminyaka (lease for three years), emithathu kodwa usakhe isitezi futhi nalokho sifuna kuphenywe.
* Sinxusa ukuba kumiswe bonke laba abasezikhundleni eziphezulu (Head of Departments), kumasipala ngoba sifisa kuqhubeke uphenyo futhi sifisa ukuthi umkhandlu umxoshe uMenenja uSithole.
Baphethe ngokunxusa ukuthi izikhalo zabo ziphendulwe zingakandluli izinsuku eziyisikhombisa.
Uhlu lwezikhalazo lwemukelwe nguMeya uKhansela Bongani Radebe obe esebonga izakhamizi ngokuba nemashi enokuthula.
Uthe sibonga ukuziphatha kahle kwenu ngenkathi nilethe izikhalazo njengoba kuyilungelo lenu lokuletha izikhalazo kanye nokumasha njengoba ligunyazwe ngumthethosisekelo.
“Sizoqinisekisa ukuthi siyaniphendula zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa njengoba sinazo izinombolo zenu ,” esho.
UNksz Fiona Mkhize obevela emnyangweni wakwa Cogta uthe , emphakathini kuhlala kunezikhalazo futhi ninalo ilungelo lokuletha izikhalazo zenu futhi nendlela enizilethe ngayo yamukelekile.
Uthe kumele sibuyele kunina nezimpendulo ngendlela enifisa ngayo kanti ngiyethembisa ukuthi kukhona okuzolunga maduzane kanti okunye kuzothatha isikhathi kodwa sicela nisibekezelele.
Uphethe ngokuthi sizolekelelana ukuze sikwazi ukuniphendula kulo lolu luhlu lwezikhalazo zenu.

