AMAVOLONTIYA oMkhonto weSizwe (MK), ahambela izikhungo zokuholela impesheni, afika khona nezihlalo aphinde anikeza ogogo itiye elishisayo. Lamavolontiya ahambele lezikhungo zokuholela ukuusiza ogogo ukuthi bathi besabambe ulayini bahlale ezihlalweni, baphinde bahabule itiye elishisayo. “ Kuzokhumbuleka ukuthi isikhathi sasebusika kuybanda yingakho sicabange ukuthi sihambele izaguga ngenhloso yokuzilekelela, ngezihlalo kanye netiye elishisayo , ukuze zikhiphe amakhaza ngoba zivuka kusempondo zankomo ziyofuna imali yezimpesheni kwazise phela ukuthi yizona ezondla abazukulu, ngoba lezwe libhekene nobubhaka kanye nokuswelakala kwemisebenzi entsheni,” kusho umnyango wezokuxhumana kuleliqembu eselibalulwe ngenhla. Lomnyango wezokuxhumana uphinde wakuveza ukuthi enye inhloso yokuhambela lezikhungo ukuyokhumbuza izaguga ukuthi ilanga lokugcina lokubhalisela ukuvota, ngokuyisiphesheli phecelezi last day to register for special votes. Uthe bonke laba abafuna ukubhalisela ukuvotela emakhaya ithuba labo lokugcina leli ukuze babhalise, ngoba kubhaliselwa labo abazovotiselwa emakhaya , abangeke bakwazi ukuya ezikhungweni ngenxa yezifo zembelesela.