
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uzokwethula inkulumo yokuvalelisa INkosi Phathisizwe Luthuli
NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi uzokwethula inkulumo yokuvalelisa iNkosi Phathisizwe Luthuli,eMnini , emgcwabeni ozoba ngeSonto (kusasa), mhlaka 15 Mashi 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” uButhelezi uzokwethula inkulumo emgcwabeni weNkosi uPhathisizwe Luthuli emgcwabeni wakhe kusasa (uLuthuli).
Uqhube wathi esitatimendeni, iNkosi uLuthuli ibenegalelo elikhulu ebuholini bomdabu futhi uzofihlwa kusasa lapho kuzobe kulindeleke izinkumbi zabantu, okubalwa kuzo aMakhosi, izikhulu zikahulumeni kanye nezinye izicubuthwane njengoba ubaziwa kakhulu ebuholini bomdabu.
Uqhube wathi esitatimendeni , simema bonke abezindaba ukuba babe khona kulomgcwabo.
Uhlelo lomgcwabo lume kanje:
Usuku: iSonto 15 Mashi 2026
Isikhathi: 9 ekuseni
Indawo: uMnini Primary School Sports Ground


