
Liyakhula ibhizinisi elixhaswe nguMzinyathi Development Agency , eMvoti
NGONKSZ Nontsikelelo Mhlongo kanye nabasebenzi.Isithombe.SITHUNYELWE
LIYANDLONDLOBALA ibhizinisi elaqalwa ngowesifazane osayintsha owathola uxhaso kuMzinyathi Development Agency, kuMasipala uMzinyathi,eMvoti,e eNyakatho neKwaZulu-Natal.
UNksz Nontsikelelo Mhlongo weMhlongo Omhle (PTY) LTD owenza amasi namaYorghurt eMbuba, eMvoti oxhaswe uMzinyathi esaqala ibhizinisi lakhe bamthengela amabhodwe, isitofu, thermometer,scale nesiqandisi (fridge), lasesitolo, uthe esitatimendeni, ubengeke afike la ukuba uMzinyathi kawuzange welule isandla umthengele izinsiza kusebenza.
“Ibhizinisi likaNksz Mhlongo Omhle lithola ama-oda amaningi kulabo abaphakela izingane ezikoleni kanye nakulabo abathengele imicimbi,” kusho okhulumela uMzinyathi uNkk Thandeka Ngobese esitatimendeni, eqhuba ethi, selizokhula nakakhulu manje njengoba seliyitholile ibarcode.
Uthe esitatimendeni, sekuseduze ukuthi lisabalalise imikhiqizo yalo ezitolo ezinkulu. “Kumanje useqashe abantu abangu-6 ebhizinisini lakhe abamsizayo , le nani lingaphindeka kaningi uma esefakela izitolo ezinkulu,” kusho uNgobese esitatimendeni.
UMhlongo Omhle usanda kuklonyeliswa nawumnyango weZolimo KwaZulu-Natal kumaPhezu koMkhono Awards ngokulala isithathu emkhakheni we-Agro Processing.
Echaza uNksz Mhlongo uthe esitatimendeni, ngendlela umsebenzi okhula ngayo kukhona ama-oda agcina engakwazi ukuwenza njengoba asuke edinga imishini emikhulu kakhulu. Uthe esitatimendeni, nendawo yakhe yokusebenza incane.Kumanje udinga indawo yokusebenzele edolobheni iGreytown.
Uma ufuna ukumeseka nokufaka ama-oda ungamthola ku: 076 103 9642 or ntsikimhlongo@gmail.com


